Impilo Yabantu Ezothando

Ezothando: Intombi yami idlwenguliwe, sengiyesaba ukulala nayo

Intatheli YeSolezwe|Published

UMaGumede uncoma umfundi ngokweseka owesifazane athandana naye odlwenguliwe.

Umbuzo

Ngibingelela elawini lakho nkosazane, kwenziwa njani uma kunje? ngisebudlelwaneni nentokazi esesidonse imiinyaka nayo kodwa sihlukene kakhulu nayo ngokuhlala. Kwenzekile wadlwengulwa abantu besilisa abawu 4 beshintshana ngaye. Bamlimaza nasebusweni. Uthe uma eyohlola igazi kwatholakala ukuthi akathelelekanga ngegciwane lengculazi, nemiphumela ngiyibonile. Kodwa angithembi ukuthi ngabe labantu abanaso isifo. Usheshile waya esibhedlela wanikezwa zonke izimfanelo futhi ngenhlanhla izigebengu zisheshe zabanjwa kuyimanje zisejele. Lo muntu uma ubuka kusamele yini ngilale naye ngingayifakanga ikhondomu. Ngiyamthanda futhi ngiyameseka.

Impendulo

Sawubona bhuti, ngiyayiqonda inkinga yakho ngibonge nokuthi uyaqhubeka nokumthanda futhi ukhombisa ukumeseka kulesehlo esimvelele. Yebo kona kuyenzeka uma usheshe wathola usizo emva kokudlwengulwa ungatheleleki ngezifo ezithathelana ngokocansi kodwa ke ukuze uzozanelisa kahle, nawe kumele uhambe naye usisi kodokotela uma nithanda futhi ungamqalisa phansi ahlolwe kabusha. Lokho kwenza ukuthi uma igciwane belikhona kodwa lisacashile. Ngicabanga ukuthi ningalindida noma izinyanga eziyisithupha bese nihamba nobabili niyohlola. Lokhu kokusebenzisa ikhondomu, ningakuxoxa futhi umtshele ukuthi nikwenzelani. Akuzoba lula nokho ngoba uzocabanga ukuthi uyamnyanya noma usuyamcwasa.

ELAWINI LIKA-MAGUMEDE

Ungasibhalela ku ku- [email protected] okanye ku watsap-0799771723

Le ngosi itholakala kwiSolezwe ngoMgqibelo