KUTHELA izithelo ezinhle ukubambisana phakathi kwamaphoyisa, izinkampani ezizimele zonogada nezinkampani ezihogela umkhondo wezimoto, ekulweni nokudunwa kwezimoto eMpumalanga.
NgoLwesibili ithimba elihlanganisa lezi zinhlaka lithole amaveni amathathu ohlobo lweToyota, adunwe ezifundazweni ezahlukene.
“Iveni lokuqala iToyota Hilux emhlophe, okubikwa ukuthi ladunwa eBeinsvlei, eGauteng ngoSepthemba 6, litholakale lihamba owesilisa (35) eCaroline, eMpumalanga, ngosizo lwenkampani ehogela umkhondo wezimoto.”
Kuthe kusenjalo, kwatholakala elinye iveni elinombala osathusi (bronze) lohlobo lweHilux lipakiwe emgwaqweni uKotze, eCarolina. Kuthiwa iveni lebiwa ngoSepthemba 5, eBrits, eNorth West.
Edolobheni laseHendrina, khona eMpumalanga, amaphoyisa avimbe owesilisa (45) ehamba ngeveni elimhlophe leToyota. Leli veni liseshwe kwatholakala ukuthi lidunwe ngoLwesibili, eBrits.
Laba basolwa baboshiwe babekwa amacala okutholakala nempahla eyebiwe. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kungekudala.