IMOTO: BMW X3
Yethulwe nezinguquko ezinqala iBMW X3 entsha okulindeleke ukuthi iqale ukudayisa eNingizimu Afrika ngekota yokugcina yonyaka.
I-X3 iqale ukukhiqizwa eminyakeni engu-20 eyedlule futhi iyiSport Activity Vehicle (SAV) yale nkampani eyintandokazi njengoba ivale u-2023 kuyiyo edayisa kakhulu.
Ifemu yakwaBMW iPlant Rosslyn, ePitoli izoqhubeka nokwakha entsha kanjalo nePlant Spartanburg, e-USA.
Entsha isinkudlwana kunendala njengoba ubude bengezwe ngo-34mm yaba ngu-4 755mm kuthi ububanzi bandiswa ngo-29 baba ngu-1 920mm. I-wheelbase isafana nasekuqaleni ingu-2 865mm.
Ifika ishaya ngeBMW kidney grille enkulu ngaphambili okwazi ukuyenza ikhanye uma uthanda. Inama-adaptive LED headlights. Amarimu ayo aqala ku-19 inch aze agcine ku-21 inch uma uthanda.
Ngaphakathi isikhala sebhuthi sandiswe ngo-20 litres saba ngu-570 litres kodwa kwi-X3 30e sinyuke ngo-10 litres saba ngu-460 litres.
Ngaphambili ufica iBMW Curved Display, igiya elisha nesiteringi esiqondile ngezansi.
Kune-three-zone automatic climate control, BMW Operating System 9, inkombandlela, izindawo ezine zokushaja nge-USB nebhuthi evuleka ngogesi. Uma uthanda wengeza iBBMW Live Cockpit Professional ehlanganisa iBMW Head-Up Display ne-augmented view eyenza ukuthi ubone ngaphandle lapho okumele ujike khona uma ufake inkombandlela. Uyakwazi nokwengeza i-panoramic sunroof nesiteringi esifudumalayo.
Izihlalo zangaphambili zihlelwa ngogesi futhi uyakwazi ukuzifudumeza.
Izinjini namandla
Okwamanje ihlukene ngezinhlobo ezine.
Eyokuqala yi-30e xDrive. Inenjini eyi-four-cylinder kaphethroli ehlangene nesebenza ngogesi njengoba iyi-plug-hybrid. Inamandla ahlanganisiwe angu-220kW ne-torque engu-450Nm. U-gearbox uyi-eight speed Stetronic. Bathi uma ishajwe yagcwala ungahamba ngogesi ibanga elifinyelela ku-90km.
Enye yi-20 xDrive enenjini engu-2.0 litre kaphethroli. Ihlanganisa ne-48V mild-hybrid technology. Inamandla angu-153kW ne-torque engu-330Nm. U-gearbox uyi-8 speed Steptronic.
Eyesithathu kaphethroli yiM50 xDrive enenjini engu-3.0 litre six-cylinder. Nayo ine-48V mild hybrid technology, eight speed Steptronic transmission futhi idonsa ngawo womane amasondo.
Ifuqa amandla angu-293kW ne-torque engu-580Nm. Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa engu-4.6 kanti ijubane elikhulu ngu-250Nm.
Kudizili kukhona i-20d xDrive engu-2.0 litre. Ine-mild hybrid technology futhi u-gearbox uyi-eight speed Steptronic. Amandla ayo angu-145kW ne-torque engu-400Nm.
Bathembisa ukuthi ngo-2025 bazokwethula enye injini kadizili eyi-six cylinder.
Emgwaqweni iX3 entsha bathi iyabambelela emakhoneni futhi intofontofo kakhulu kunakuqala. Uma uthanda ufaka i-adaptive suspension kanti iM50 xDrive yona ifika neM Sport suspension kanjalo namaM Sport brakes.