IMOTO: BMW 3 SERIES
Ngemuva kweminyaka emine iBMW 3 Series yakamuva iqale ukukhiqizwa, sekufike isikhathi sokuthi ithuthukiswe.
I-3 Series ekhona manje iqale ukwakhiwa ngo-2018 ibizwa ngeG20. Ngeyesikhombisa ikhona njengoba iqale ngo-1975.
Empeleni lena ngenye yezimoto zakwaBMW eziyintandokazi emhlabeni jikelele njengoba kudayiswe angaphezu kuka-16 million. Kulo 16 million, angaphezulu kuka-1.1 million ngama-G20.
Le nkampani ithi imoto eyodwa kweziyisikhombisa ezidayisa emhlabeni yi-3 Series.
I-3 Series ishintshwe indlela ebukeka ngayo ngaphandle nangaphakathi kwaphinde kwengezwa efika nakho ukugwema ukuthi amakhasimende elokhu ezifakela wona izinto azidingayo.
Ingaphambili lingenye yezinto ezishintshiwe. Izindawo lapho kungena umoya sezenziwe zaba nkulu. Amalambu angamaLED efika nawo asethe ukuba mancane. Uma uthanda ufaka ama-adaptive LED headlights. AmaLazer lights awasekho ngoba akuyona into amakhasimende abeyifaka kakhulu, ngokusho kwabo.
Ngemuva nakhona kushintshwe mbijana izinqawe zaba ngu-90 kuya ku-100mm ubukhulu.
Abakwenzile okuncane akuyoni kunalokho kwengeza ubuhle ngoba i-3 Series ingenye yezimoto ezibukekayo esigabeni sayo.
Imibala yayo ngaphandle yengezwe ngoSkyscraper Grey metallic, M Brooklyn Grey metallic, Individual Frozen Pure Grey metallic noFrozen Tanzanite Blue metallic.
I-330i ifika neM Sport package eyenza ukuthi i-grille yehluke, ihluke kuma- aprons ngemuva nangaphambili kanjalo namarimu amasha angu-18 inch.
IM340i xDrive ifika ne-grille emnyama, amarimu angu-19 inch amnyama, izibuko ezinamakhava amnyama kanjalo nezinqawe ezi-trapezoidal.
Ukwenza i-3 Series yakho yehluke, sekukhona iM Sport package Pro. Uyifaka ukwengeza onakho kwiM Sport package nakwi-M340i. Ezinye zezinto ezenza imoto yehluke ngazo zihlanganisa ukuthi nama-brake callipers abe bomvu.
Ngaphakathi iBMW Curved Display engu-14.9 inch ne-information display engu-12.3 inch yikho okuthatha amehlo kuqala.
Ukuba khona kwalesi screen esikhulu kunciphise amabhathini ngaphambili. Okuhle kodwa wukuthi uma ungayena umuntu okhonze ukuthinta iscreen, i-iDrive Controller isekhona ukwenza lokho. Kulesi screen yilapho usetha khona imoto, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, usetha khona i-aircon, inkombandlela nokunye.
Izinjini azishintshanga kuseyilezo ebezikhona ekuqaleni.
Kukhona i-318i enenjini engu-2.0 litre kaphethroli. Inamandla angu-115kW ne-torque engu-250Nm.
Eyesibili yi-320i nayo enenjini engu-2.0 litre kaphethroli. Amandla angu-135kW ne-torque engu-300Nm.
Eyesithathu kaphethroli ingu-2.0 litre oyithola kwi-330i. Inamandla angu-190kW ne-torque engu-400Nm.
Okuyiyona yodwa kadizili uyifica kwi-320d. Ingu-2.0 litre futhi inamandla angu-140kW ne-torque engu-400Nm.
Uma uthanda ijubane iM340i xDrive yiyona okumele ubheke ngakuyo njengoba i-M3 ethuthukisiwe kuvela ukuthi izofika ngonyaka ozayo.
Inenjini engu-3.0 litre kaphethroli eyi-6 cylinder. Ikhafula amandla angu-285kW ne-torque engu-500Nm.
Zonke zisebenzisa u-gearbox oyi-8 speed Steptronic futhi uzoqaphela ukuthi igiya seliyimbijana lapha ngaphakathi.
Ezokuphepha abazikhohlwanga njengoba ikuxwayisa uma uzoshayisa ngaphambili iphinde ibhreke, iyahamba ngejubane olikhethile iphinde izibhrekele uma kunesidingo, iyasho uma uphuma emzileni iphinde ikubuyise, nokunye.
Ongakwengeza yiHead-Up Display neDriving Assistant Professional ehlanganisa iSteering and Lane Control Assistant, Active Cruise Control system nokunye.
Intengo:
BMW 318i
Sport Line - R 767,893.60
M Sport package - R 817,893.60
BMW 320i
Sport Line - R 832,893.60
M Sport package - R 882,893.60
BMW 320d
Sport Line - R 880,313.00
M Sport package - R 930,313.00
BMW 330i M Sport
M Sport package - R 953,197.20
BMW M340i xDrive
M Performance - R 1,338,206.60
M Sport package Pro - R 1,353,206.60