IMOTO: SUZUKI XL6
NJALO uma kuqala inyanga into abashayeli abasuke bekhuluma ngayo yintengo kaphethroli.
Uma inyukile, njengoba kwenzekile ngoLwesithathu ngo- 37 cents, kucatshangwa ngezindlela zokonga kanjalo nezimoto ezongayo.
Nami ngibe ngomunye wakhathazwe yindaba kaphethroli ngoba kungicacela ukuthi sekuzonyuka ukugcwalisa iSuzuki XL6 esiyizwa amandla kulezi zinsuku.
Ngaphambi kokuthi intengo kaphethroli inyuke, ukuntantisa isele bekungidla uR1 060 (ifake amalitha angu-43,57).
Njengoba isikhathi siqhubeka sihamba ngayo, indlela edla ngayo uphethroli iya ngokwehla.
Phambilini ibihleli inganyakazi ku-7.7l/100km kodwa manje isiyehlele ku-7.5l/100km.
Yize kuya ngokuba ngcono kodwa kusaqhelile ku-6.1l/100km oshiwo kubo kwayo.
Ngemuva kokuhamba amakhilomitha angu-490 ibisaveza ukuthi ngisengahamba amanye angu-86 yize lokhu kubuye kushintshashintshe.
I-XL6 esihamba ngayo inenjini kaphethroli engu-1.5 litre engenayo i-turbo. Amandla ayo angu-77kW ne-torqque engu-138Nm. U-gearbox uyi-4 speed auto.
Amandla ayakwazi ukuyithwala kodwa kuba nezikhathi lapho ekwenza khona ufise sengathi athe xaxa, ikakhulukazi uma unyuka ezintabeni.
Emgwaqweni onguthelawayeka nokho ihamba kahle iyakwazi ukubamba u-120km/h ngale kwenkinga ubone indawo obheke kuyo iya ngokusondela.
Engikuthanda ngayo wukuthi akekho osalayo uma nihamba ngoba isikhala sikhulu ngaphakathi kwazise ilayisha abagibeli abayisithupha. Ngisho ezihlalweni zangemuva kuyahlaleka abampintsheki kakhulu njengoba kwenzeka kwezinye izimoto ezikushiya ubona sengathi yizihlalo ezakhelwe izingane kuphela.
Engikuthandayo futhi wukuthi nesikhala ebhuthini sikhona futhi sengezwa nawukuphakamisa ikhava bese kuvuleka esinye. Uma bengekho abagibeli uyakwazi ukulalisa izihlalo.
Yikho ukushoda kwezindawo zokushaja okuyinkinga ngoba yinye kuphela futhi ingaphambili eyokushaja nge-USB.
Engikuthandayo kodwa wukuthi ngesikhathi omunye esashaja, iselula yami ngiyakwazi ukuyixhuma nge-Apple CarPlay ivele kwi-touchscreen infotainment system bese ngiveza inkombandlela, ngidlala umculo nokunye. Kule infotainment system kuphinde kuvele ingemuva uma upaka.
Okunye okumnandi wukuthi njengoba eThekwini kufudumele nje, umoya wesiqandisi ugcwala imoto ngokushesha ngoba nangemuva kunezindawo zokuwukhipha.
Umoya obandayo lo, uphinde ungene nangaphambili lapho ubeka khona iziphuzo ezincane nazo zigcine zilokhu zipholile nokuyinto enhle.
Njengomuntu okhonze ukuba nesigubhu samanzi esingu-1.5 litre, naso sihlala ngokukhululeka endaweni yaso esesicabheni.
Intengo:
1.5 GL 4AT - R355 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.