IMOTO: VOLKSWAGEN AMAROK
YINTO esiyaziwa cishe yiwo wonke umuntu ukuthi i-Amarok entsha yakhiwa ngokubambisa kwabeVolkswagen nabeFord abenza iRanger.
Empeleni i-Amarok entsha yakhiwa efemini yeFord eseSilverton, ePitoli lapho kwenziwa khona neRanger.
I-Amarok entsha le ngeyesibili njengoba eyokuqala yethulwa ngo-2010 esize yashintshwa manje.
Ifika ngezinhlobo ezingu-16 ezahlukene okungama-single cab kanjalo nama-double cab.
Muva nje ngithole ukhiye wePanAmericana okuyi-double cab engena ngaphansi kwengumakhonya emndenini, i-Aventura.
Ngivele ngayidlisa itiyela ngibambe uthelawayeka uN2 ngibheke oLundi. Okokuqala engikuzwe kuyo yindlela ethule ngayo ngaphakathi.
Indlela ehamba ngayo ithuthuke kakhulu njengoba intofontofo uzizwa sengathi uzihambela ngeSUV.
Ukwehla nokunyuka ezintabeni zaKwaNdundulu naseMthonjaneni kuyefana ngoba amandla yinto enawo.
Kukhona enamandla angu-154kW kodwa ebengihamba ngayo ibinangu-184kW ne-torque engu-600Nm. Iwadonsa enjini engu-3.0 V6 TDI nge-gearbox eyi-10 speed auto.
Le njini ngenye yezinto eyenza ngiyithande ngoba ukudlula enye imoto namaloli agcwele kuR34 akubi wumsebenzi. Awucabangi kaningi ukuthi ngabe amandla anele uzoba nawo yini kepha kuba wukubeka unyawo emafutheni, bese isinyusa njalo isivinini.
Ne-gearbox ishintsha kahle futhi nayo yenza ukuhamba ngayo kungabi yinkinga. Noma inawo amandla kodwa i-Amarok yakudala eyayikhafula 190kW ngingathi yayizwakala ukuthi ayethe xaxa uma ngiyiqhathanisa nale.
Lena isithe ukuthuthuka ngokuba ntofontofo.
Okunye osekumnandi wukuthi nokungena ebhuqwini noma ukuqwala izintaba sekuwubala kwazise ukudonsa kwayo ngamasondo amane sekuyinto ozikhethela wena yona.
Kune-4L, 4H okanye i-4 Auto. Kukhona ne-diff lock kanjalo nehill descent control.
Ngithe ngiphuma kuyo ngangena kwenye i-Amarok Double Cab okuyiStyle. Yona inenjini engu-2.0 bi-turbo kadizili enamandla angu-154kW ne-torque engu-500Nm. Igearbox eyi-10 speed auto.
Usheshe uzwe ukuthi amandla awalingani nakwi-3.0 V6 kodwa okungasho ukuthi iwunwabu. Empeleni uma ungawadingi amandla eV6 ngingathi yiyona ongayibheka ngoba ayishodi ngalutho.
Okuhle kakhulu ngayo wukuthi iyonga kudizili uma uyiqhathanisa ne-V6.
Ngethangi elingu-80 litre kuzo zombili, kwiStyle 2.0 ungahamba ngaphezu kuka-800km. Ngigudle angu-567km yaveza ukuthi isengahamba amanye angu-287km. Ngaleso sikhathi ibiphuza angu-9.2l/100km okuyinto engaphezu kuka-7.5 oshiwo kwaVW.
IPanAmericana yona ngakolunye uhlangothi ibidla angu-10.9l/100km. Kuyona ngihambe 474km yathi isengahamba angu-159km amanye.
Naphezu kokuthi iPanAmericana ngiyizwe intofontofo futhi ihamba kangcono emgwaqweni kuneStyle kodwa ukonga kweStyle kungaheha abaningi ngoba nayo le ine-4Motion okusho ukuthi iyi-4x4 ngolimi olujwayelejile.
Ngale kwalokho zicishe zifane yize iPanAmericana ifika nokuthe xaxa.
Zombili zinamarimu angu-18 inch kodwa amnyama kwiPanAmericana.
I-Style inezihlalo zesikhumba ezibuye zifudumale, 12-inch touchscreen infotainment system, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, tubular styling bar eyi-chrome nokunye.
I-PanAmericana ngakolunye uhlangothi ifika nakho konke lokhu kwase kwengezwa ama-IQ.Light LED headlights enza impilo ibe lula ebusuku ngoba ekhanyisa kahle futhi engabaxhophi abanye abashayeli.
I-suspension ethuthukisiwe, itubular bar emnyama, ama-roof rails asiliva, anokuyivikela esikhenkeni nangaphansi, izihlalo zesikhumba, izipikha zeHarman Kardon, Discover Media navigation system nokunye.
Kwezokuphepha zombili ziyazibhrekela uma zizoshayisa, ziyakusiza ukuhlala emzileni. I-PanAmericana yengeza ama-sensor ngaphambili, adaptive cruise control, ikhamera eveza umzimba wonke ngaphandle, iyasho uma kunemoto eseceleni, iyasho uma umshayeli esekhathele nokunye.
Abafuna ukonga kudizili bengabheka kwiStyle uma bengawafuni amandla ePanAmericana. I-PanAmericana ngakolunye uhlangothi iyaheha ngamandla enjini nangezinto efika nazo ezengeziwe futhi Ibiza kangcono kune-Aventura okuyiyo esesicongweni.
Cishe indlela eyakhiwe kahle ngayo ngaphakathi nezinga lokusetshenzisiwe kungezinye zezinto ezinyusa intengo uma uyiqhathanisa neRanger. Okunye wukuthi iphuma naneMaintenance Plan okuyinto oyithenga eceleni kwiRanger.
Intengo:
Amarok Style 2.0 BiTDI 4MOTION® - R 922 600,00
Amarok PanAmericana 3.0 TDI V6 - R 1 106 300,00
Zifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, i-EasyDrive Maintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.