IMOTO: HYUNDAI CRETA
KwaHyundai basonga unyaka ngokwethula iCreta ethuthukisiwe okubalwa neshuniwe.
ICRETA yiSUV yale nkampani engena phakathi kweVenue neTucson. Kukhona nelayisha abagibeli abayisikhombisa iGrand Creta.
Izinguquko kodwa zenziwe kwiCreta ejwayelekile futhi zihlanganisa nokwethulwa kwezinhlobo ezintsha iMatte Edition.
Intengo yehlisiwe ngamaphesenti aphakathi kuka-0.5 no-4.17%
I-Matte Edition yenziwe kwiPremium ne-Executive. Bayifaka umbala ohlukile o-matte okungomnyama, osiliva okanye omhlophe.
Ngale kokwengezwa kwale mibala emisha, bathe ukuyithinta kancane ekhaleni ezansi kanjalo nangemuva. Empeleni akuwona umehluko otheni, uma ungazi ngeke uze uwubone.
Ama-Matte Edition aphinde ahluke ngamarimu amnyama acwebezelayo, ama-skid plate amnyama ngaphambili nangemuva hhayi asiliva njengakwezinye izinhlobo futhi nezibambo nezibuko zimnyama.
Ngaphakathi iPremium ifika nezihlalo eziyisikhumba sokuzakhela nasegiyeni nasesiteringini. Kuphinde kwengezwa ukuthi uciphize kanye uma uvala noma uvula iwindi lomshayeli.
Injalo nje idunyiswa ngebhathini.
Okunye okwengeziwe yindawo yokuphumuza ingalo ngemuva enezikhala zokubeka iziphuzo.
Ezinye izinto enazo yi-touchscreen infotainment system engu-8 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, iveza ikhamera ngemuva, inamabhathini esiteringini, indawo yokushaja kubagibeli bangemuva nokunye.
Injini abayishintshanga kusengeyi-1.5 litre kaphethroli eno-gearbox oyi-6 speed maual okanye ozitshintshayo kwiPremium ne-Executive.
Inamandla angu-84kW ne-torque engu-144Nm.
Kwezokuphepha bayifake iBlind Spot Collision Avoidance Assist, a Lane Departure Warning System, Lane Follow Assist, iyasho uma umshayeli esekhathele, iyasizza ukugwema ingozi ngaphambili, ama-airbag nokunye.
Intengo:
Creta 1.5 Premium MTR449 900
Creta 1.5 Premium IVTR479 900
Creta 1.5 Premium IVT (Matte Edition)R484 900
Creta 1.5 Executive IVTR519 900
Creta 1.5 Executive IVT (Matte Edition)R524 900
Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.