IMOTO: TOYOTA COROLLA Xr Hybrid
I-TOYOTA Corolla yimoto engadinge kwethulwa ngoba inomlando omkhulu eNingizimu Afrika futhi ineqhaza elikhulu elidlalayo.
Phela yakhiwa khona la eProspecton, eThekwini, nokuyinto ebalulekile emnothweni wakuleli.
I-Corolla ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyi-sedan (okukhona neCorolla Quest), hatchback nedayisa kakhulu iCorolla Cross eyi-SUV.
Ebesihamba ngayo yi-sedan. Uphawu olunombala oluhlaza okwesibhakabhaka nombhalo othi hybrid kwi-fender kuyakukhombisa ukuthi ayihambi nje ngophethroli kuphela.
Ngokwami ibukeka njengemoto ezokwazi ukubamba ukubukeka kwayo, ingasheshi ukuziceba ukuthi isindala. Ngaphambili ishaya ngama-LED daytime running lights amakhulu. Amarimu angu-16 inch emasondweni.
Ngaphakathi ubukhulu bayo yibo obufike bangithatha ngoba bonke abagibeli abahlanu bahlala ngokukhululeka. Ebhuthini yize kunesondo eliyisipele futhi elinerimu kodwa isikhala nakhona sikhona njengoba singu-470 litres.
Izihlalo zangaphambili ziyafudumala okuyinto enhle njengoba kusebusika. Okuyinkinga wukuthi uthi ubeka iselula endaweni yokushaja ngaphandle kwentambo kuthinteke ibhathini unganakile ngoba liseduze uzwe ngesihlalo sesishisa noma sesibanda. Okunye engingakuthandi wukuvula izicabha ngoba kumele uthinte kanye ukhiye noma uvule usephaketheni, kuvuleka esomshayeli kuphela kumele uphinde uthinte ukuze kuvuleke nezinye.
Ngale kwalokho izinga ngaphakathi liphezulu iqinile. Inetouchscreen infotainment system ebengixhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo. Iveza inkombandlela, ingaphandle ukuze ungashayisi uma ushesha, idlala umsakazo uphinde ubone imininingwane efana nophethroli onawo.
I-Corolla sedan hybrid ihamba ngenjini engu-1.8 litre ehlanganiswe nekagesi.
Inamandla angu-103kW ne-torque engu-142Nm. Ugearbox ungumshini ozishintshayo.
Uma isuka iyazithulela ngoba isuke isahamba ngebhethri kuphela. Omunye umngani wami uze wangithethisa ethi angidumise imoto sihambe, wathuka eseyibona ihamba ingadumi. Ize iqale ukuduma, nakhona phansi, uma isivinini sesinyuka.
Lokhu kuyasiza ekongeni uphethroli futhi ibhethri layo liyazishaja ezindaweni ezehlelayo noma uma ubhreka.
Ithangi likaphethroli lingu-43 litres futhi ngaphambi kokuthi intengo kaphethroli yehle kuleli sonto, ukuligcwalisa bekungaphezulu kancane kuka-R800. Lapho ibiveza ukuthi ngingahamba u-900km kodwa ngikwaze ukuhamba 760 ngetha isaveza ukuthi isengahamba omunye u-59km. Ngaleso sikhathi ibidla amalitha angu-4.7 nokuyinto engekho kude kuno-3.9l/100km oshiwo kwaToyota.
Emgwaqeni ithule ngaphakathi futhi ayizweli kakhulu emabhampini nokusizwa yila mathayi ayo amakhulu. Amandla inawo yize inyusa umsindo wokuduma uma unyathela mawala futhi isivinini sayo sigcina ku-180km/h.
Injalo nje bayifake okuningi kwezokuphepha nokusiza umshayeli okubalwa ukuthi isho uma iphuma emzileni, adaptive cruise control, iyasho uma izoshayisa nokunye.
Intengo:
Toyota Corolla 1.8 Xr CVT Hybrid - R570 200
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km.