IMOTO: VOLVO EX30
I-VOLVO Cars South Afrika ingenye yezinkampani eziseqhulwini ekudayiseni izimoto ezingawulokothi hlobo udizili noma uphethroli kodwa ezinenjini esebenza ngebhethri elishajwayo.
Kulo nyaka bethule i-EX30 eyelama iC40 Recharge ne-XC40 Recharge. Kuphinde kube khona nezifaka uphethroli ziphinde zibe nenjini kagesi ama-plug in hybrid okuyiXC60 Recharge neXC90 Recharge.
I-EX30 ibukeka ifike yashesha ukuzitholela indawo ezinhliziyweni zabathengi njengoba ngenyanga edlule kwaVolvo bethi ngokwezibalo, ezimotweni ezintathu ezihamba ezithengwayo, eyodwa kusuke kuyiyo.
Imbangi yayo enkulu ngiyibona kuyiGMW Ora ngoba zicishe zilingane. I-Ora iqala ku- R686 950 kuthi le iqale kuR 791,900
Ngaphandle i-EX30 iyabukeka futhi iyawadonsa amehlo. Ngaphambili isho nge-grille yayo evalekile enophawu lakwaVolvo kuphela.
Amalambu angamaLED awagcini ngokuyenza ibukeke kahle kodwa akhanyisa nakahle uma sekumnyama njengoba sekushesha nokuhlwa nje.
Nawangemuva amalambu angamaLED anemihlobiso emihle.
Izibuko ezimnyama ezinhlangothini zimesha namarimu angu-20 inch kanjalo nokhakhayi olumnyama oluphinde lube ne-sunroof egcwele khona kulo lonke.
Yingakho uma uvula isicabha ubingelelwe wukukhanya ngaphakathi kwazise i-sunroof le, isuka phambili iyoshaya ekugcineni akukho okokuyikhava.
Elangeni iyadima mbijana yize bekunezikhathi lapho bengifisa ngathi kunekhava yokuvala.
Ngaphakathi iyakukhumbuza ukuthi iyimoto encane ngoba isikhala asisikhulu kakhulu. I-wheelbase yayo ingu-2 650 mm nokunyenza ilingane ncimishi neye-Ora.
Njengomuntu olishiyile igabade, ukuhlala ngemuva kwami kuthanda ukuba yinkinga.
Isikhala ebhuthini singu-318 litres kuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-904 litres. Njengoba kungenanjini nje, ngaphambili uma uvula ibhonethi kunesikhala esingu-7 litres.
Kusuka ngaphandle kuya ngaphakathi kusetshenziswe imfucuza ebuyekezwe kabusha ukuyakha.
Ngaphambili akunabhathini, akukho ngisho elokuyidumisa.
Kunalokho kune-touchscreen infotainment system okuyiyona nhliziyo yayo ngoba cishe yonke into uyenza khona. Umculo, okhala kamnandi ngezipikha zeHarman Kardon, udlala khona.
Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, uveza khona inkombandlela, izibuko emaceleni uzihlela khona, ukuvula i-cubbyhole ukwenza khona, ubona ibanga ongalihamba ngogesi onalo, usetha khona amazinga okushisa nasezihlalweni, usetha imoto nokunye.
Njengoba ibhathini lokuyidumisa lingekho nje, okwenzayo ukufike uyifake kuD egiyeni elisesiteringini bese iyahamba njalo. Noma usupaka uyifaka kuP bese uyehla.
Inebhethri elingu-69 kWh elifaka umlilo ezinjinini ezimbili zikagesi ekhafula 315kW ne-torque engu-543Nm.
Lokhu kuyenza ibe namandla onyazi engacucuzi ukukunika wona njengoba ibamba u-100km/h ngemizuzwa engu-3.8 kuthi ijubane elikhulu libe ngu-180km/h.
Idonsa ngawo womane amasondo nokwenza ibambelele emgwaqeni yize bengibuye ngizwe ngathi iyazwela emabhampini njengoba amasondo lawa enamarimu angu-20 inch.
Ngebhethri bathi ungahamba ibanga elingu-450 km. Ngiyishaje yagcwala enxanxatheleni yezitolo iGateway ibiveza ukuthi ingahamba 343km.
Yingakho ngibona kungaba kuhle ukuyithenga kodwa ukhethe enamandla angu-200kW kodwa ekwazi ukuhamba ibanga elithe xaxa abathi lifinyelela ku-476 km
Isikhathi sokushaja kuya ngendawo oshaja kuyo ngoba kimi kwishaja engu-60kW bekungithatha cishe ihora futhi kulinganiselwa kuR7.35 ngekWh.
Engikuthandayo ngayo wukuthi inenqwaba yezokuphepha nezinsiza zomshayeli. Ngaphandle kwamakhamera aveza umzimba wonke, iyakutshela uma uphuma emzileni, iyazipaka, iyasho uma uzoshayisa nokunye.
Intengo:
EX30 Ultra Twin Motor Performance – R1,023,900
Ifika nne-warranty ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu. Ibhethri line-warranty yeminyaka eyisishiyagalombili.