IMOTO: JAECOO J7
Kancane kancane kuya ngokuphela ukuzixwaya izimoto ezivela eChina ngoba izinkampani azizibekile phansi ngokuziletha kuleli.
Muva nje kutheleke iJaecoo J7 okuyiSport Utility Vehicle (SUV) ebukeka izoheha abaningi.
IJaecoo yinkampani engaphansi kweChery nayo esizakhele igama kuleli ngezimoto okubalwa kuzo iTiggo 4 Pro. Kuphinde kube ne-Omoda ngaphansi kweChery.
IJaecoo J7 ifika ihlukene ngezinhlobo ezintathu – yiVortex okuyiyona ephansi, yiGlacier phakathi nendawo bese kugcina i-Inferno efika iphelele ngakho konke okutholakala kuyo.
I-Inferno yiyo esithole ithuba lokuyivivinya futhi bathi ungakhokha imali elinganiselwa kuR9 199 ukuze uyigibele. Bengize ngishawe amahloni ngendlela abantu abayibuka ngayo. Hhayi ngoba iyintsha kodwa vele nayo iyabukeka.
I-grille enolayini abehlayo abacwebezelayo kanjalo namaLED headlights ngezinye zezinto eziyenza ihehe. Ezinhlanngothini kunamasondo anamarimu amakhulu angu-19 inch (nasebhuthini kunesipele esiphelele esinerimu).
Ngaphakathi ivuleke kahle njengoba ine-wheelbase engu-2 672mm.
Kuyenza ibe yinde kuneyeToyota Corolla Cross (2 640mm) kodwa ibe ngaphansi kuneyeBaic Beijing X55 (2 735mm) neCitroen C5 Aircross (2 730mm). Imoto ecishe ilingane nayo yiHaval Jolion (2700 mm) neVW Tiguan ezayo njengoba yona ingu-2 767mm.
Isikhala ngaphakathi senza abagibeli abayisihlanu, abahlanganisa nomshayeli, bahlale kahle futhi nempahla yabo ingene yize isikhala singesikhulu kakhulu ebhuthini njengoba singu-412l. Uyakwazi ukulalisa izihlalo nokho bese siyanda sibe ngu-1 335l.
Angisale sengikuveza ukuthi izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi. Ngiyakuthanda ukuthi nomshayeli uyakwazi ukuhlela esomgibeli eceleni khona la eduze njengasezimotweni zakwaKia.
Kodwa okuyikhona okugqamayo ngaphakathi ngaphandle kwe-sunroof, wubhazabhaza we-touchscreen infotainment system okuyilapho owenza khona cishe yonke into. Ingu-14.8 inch futhi yilapho odlala khona umsakazo, iveza inkombandlela, uyakwazi ukuqopha ngaphandle kwemoto ngekhamera kuvele khona, udlala umculo (ngezipikha zeSony), uxhuma iselula-Apple CarPlay nokunye.
Ingaphakathi lonke bayenze kahle bayilifaka izinto ezifana neHead-up display, izindawo ezine zokushaja nge-USB nokungasebenzi intambo kuyo nokunye.
Iphinde ibe nenqwaba yezokuphepha nezinsiza zomshayeli njengokuthi ibhreke uma izoshayisa, adaptive cruice control, iyasho uma iphuma emzileni ikubuyise nokunye. Engikuthandayo wukuthi ngesikhathi uyoma ezimpambanweni zomgwaqo iliveza lonke ingaphandle ukuze ubone okwenzeka eduze kwayo nokusiza kwezokuphepha futhi iyakuceba uma amehlo akho engasabheki phambili uma ushayela.
Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.6 litre turbo kaphethroli enamandla angu-145kW ne-torque engu-290 Nm. U-gearbox oyi-7 speed DCT ubushintsha kahle ngale kwenkinga. Inama drive modes ahlukene okunguSport, Eco, Standard, Snow, Mud, Sand no-Off-road.
Isikhathi esiningi bengiyishiya kuStandard naku-Eco.
Emgwaqweni ihamba kahle izama ngayo yonke indlela ukwenza ukuthi ungazweli emabhampini. Izimoto eziningi eziqhamuka kubo kwayo bezinenkinga yokubhubhudla uphethroli kodwa kuyo angikubonanga lokho.
Ithangi layo lingu-51 litres futhi kubo kwayo bathi idla amalitha angu-7.8 ngo-100km. Kimi ibidla amalitha angu-8.0 ngo-100km nokuyinto engeyimbi. Ngethangi ihambe 486 ngabe sengiyetha isaveza ukuthi isengahamba amanye amakhilomitha angu-124.
IJaecoo J7 iyaziveza ukuthi nayo idinga ukunakwa kule makethe okuminyene utshumo kuyo.
Intengo:
JAECOO J7 1.6T Inferno AWD 7DCT – R679 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-70 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-warranty yenjini yeminyaka engu-10 noma u-1 million km.