IMOTO: JAC T9
Iyaqhubeka nokungenisa eNingizimu Afrika inkampani yaseChina, iJAC Motors njengoba seyethule iveni yayo entsha iT9 double cab okuyilo elingumakhonya emndenini wabo.
IJAC Motors iqale ngo-2007 ukwakha amaveni nezimoto ezincane njengoba yayakha amaloli phambilini.
Isikhulu sakwaJAC Motors South Africa, u Karl-Heinz Göbel, sithe bayajabula ngokuletha leli veni elakhelwe amakhasimende afuna ukuhamba ngemoto entofontofo futhi ehamba sengathi yimoto encane.
UGöbel uthe kule minyaka eyisithupha eyedlule bandise amagaraji abo njengoba esengaphezu kuka-70 e-Afrika eseNingizimu.
I-T9 ilandela iT6 double cab neT8 double cab asevele edayisa eNingizimu Afrika.
Ihlukene ngezinhlobo ezine okuyiLux neSuper Lux, okungama-4x2 nama-4x4 futhi ikwazi ukudonsa isisindo esingu-3 500kg.
Zonke zinenjini engu-2.0 litre turbo-diesel. Ezinye izinhlobo zezinjini okungekaphethroli, ekagesi neyi- plug-in hybrid electric vehicle kuthiwa zihlelelwe unyaka ozayo.
Le njini kadizili inamandla angu-125kW ne-torque engu-410Nm. Idonsa ngo-gearbox oyiZF eight-speed automatic othumela amandla emasondweni angemuva.
I-4x4 ino-4L kanjalo ne-diff lock futhi igabade ilishiye ngo-210mm.
Kudizili bathi i-4x2 idla amalitha angu-7.8 ngo-100km ethangini elingu-76 litres.
I-T9 inamaLED daytime running lights, Xenon headlamps, fog lamps ne-grille enkulu. Inamarimu angu-18 inch namaLED lights ngemuva.
Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba, isiteringi esinamabhathini, sunroof nokunye.
Ine-touchscreen infotainment system engu-10.4 inch okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi iveza nengaphandle njengoba inamakhamera emzimbeni.
Kwezokuphepha iyasho uma isondo lehlelwa umoya, anti-lock braking system, electronic stability control, hill-start hold control, nokunye okuningi.
Intengo:
T9 2.0L CTi 4×2 Lux: R529,900
T9 2.0L CTi 4×2 Super Lux: R579,900
T9 2.0L CTi 4×4 Lux: R599,900
T9 2.0L CTi 4×4 Super Lux: R649,900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, i-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-roadside assistance.