UNYAKA uvulwe ngesimemezelo sokuthi inkampani yezimoto eyenganyelwe wuhulumeni waseChina, iGAC Motor, ilandela ezinye zakwabo ngokuletha izimoto zayo eNingizimu Afrika zizodayiswa khona.
Leso sithembiso sigcine sifezekile ngesikhathi le nkampani engaphansi kweGAC Group (Guangzhou Automobile Group Co. Ltd) eyasungulwa ngo-1997, yethula imoto yayo yokuqala.
Ngaphambi kokungena emotweni eyethuliwe yiGac Motor ilethwa kuleli yinkampani i-Salvador Caetano Auto enamava kwezezimoto.
EPortugal yiyo ekhiqiza izimoto zakwaToyota okuhlangansia neLand Cruiser 70 Series edayisa kuleli futhi inamanye amabhizinisi kwezezimoto.
Kuleli kwaSalvador baqashe uMnuz Leslie Ramsoomar, obeyisikhulu sakwaStellantis South Africa (ephethe iJeep, Citroen, Opel nezinye) ukuthi kube wuye owengamele iGac Motor.
URamsoomar uthe okwamanje bazoba namagaraji angu-20 abazodayisa kuwo izwe lonke. Kunayisikhombisa eGauteng, amathathu KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe.
Ephendula umbuzo ohlale ubuzwa ngabaningi ngezimoto ezintsha ngokuthi amaphathi akhona yini, uthe bafake i-oda lika-R15 million. Uma kukhona abangenawo uthe ngeke kube yinkinga ukuwalanda ngebhanoyi.
Imoto yokuqala abazethula ngayo emakethe yakuleli iGAS3 Emzoom okuyiSUV elayisha abagibeli abayisihlanu.
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiComfort, Executive neR-Style. Zonke zinenjini efanayo engu-1.5 litre turbo kaphethroli enamandla angu-130kW ne-torque engu-270Nm. U-gearbox uyi-7 speed automatic.
Bayethule eGauteng emigwaqweni ehamba ijike naseNorth West lapho ngithole ithuba lokuyizwa mbijana. Esikhathini engisichithe nayo ibihamba kahle emgwaqweni. Amagiya abengena kalula, amandla ekhona futhi ingazweli kakhulu nasemabhampini. Emakhoneni nakhona ibibambelela.
IR-Style ebesihamba ngayo uyakwazi nokuyenza idumele phezulu uma uthanda ngebhathini elisesiteringini njengoba inezinqawe ezimbili phakathi nendawo ngemuva.
Uma uqhamuka kuyo iyawadonsa amehlo ngendlela eyakhiwe ngayo ngoba yehlukile kunezinye izimoto. Ishaya ngamaLED headlights futhi namalambu angemuva nawo angamaLED. Inamarimu angu-18 inch, izibambo zokuvula izicabha ezicashayo uma isuka, ikhamera esiza uma upaka kanjalo nama-sensor ngemuva, ine-10.25 inch touchscreen engingabuthwalanga ubunzima ngiyisebenzisa. Kulesi screen uphinde uxhume iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo kodwa uma ufuna ukuxhuma nge Android Auto kumele uthenge i-wireless Android Auto box ngo-R1 500.
Uma ukhuphukela kwiComfort ufica izihlalo zesikhumba, 7 inch instrument cluster, izimbobo zokukhipha umoya ngemuva nesiteringi esinekhava yesikhumba. Kwengezwe nezinsiza zomshayeli okubalwa kuzo i-adaptive cruise ontrol, iyazibhrekela uma izoshayisa, iyasho uma izoshayisa ngaphambili, nokunye.
I-R-Style okuyiyo umakhonya ishuniwe ngendlela ebukeka ngayo njengoba inombala osawolintshi kubhampa nangemuva kwi-diffuser lapho kufakwe khona izinqawe ezimbili. Ibukeka kahle futhi ibizwakala iqinile izinga liphezulu. Kuyasho ukuthi iGac Motor eChina ibambisene neToyota neLexus.
Ishaya nge-sunroof, amalambu azikhanyelayo uma kumnyama, indawo yokushaya ngaphandle kwentambo, isihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi, amakhamera aveza lonke ingaphandle futhi uyayishintsha indlela ekhanya ngayo ngaphakathi.
I-GS3 Emzoom ibheke ukuthatha abathengi beToyota Corolla Cross, Omoda C5, nezinye izimoto.
Intengo:
•GS3 EMZOOM 1.5L T Comfort – R469,900
•GS3 EMZOOM 1.5L T Executive – R499,900
•GS3 EMZOOM 1.5L T R-Style – R549,900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km.