IMOTO: VOLKSWAGEN ID.4 PRO
Zilokhu zingenisa kancane kancane izimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika njengoba izwe lizama ukulandela okwenzeka kwamanye amazwe.
Izinkampani eziseqhulwini kulokhu kubalwa kuzo iVolvo, BMW, Jaguar, Mercedes-Benz, Audi nezinye.
KwaVolkswagen Group Africa nabo abafuni ukusalela emuva kodwa benza okuhlukile kunabanye.
Muva nje basanda kukhombisa i-ID.Buzz Pro 7-seater embukisweni iFestival of Motoring engivele ngazifela ngayo.
Okubi wukuthi ayikezukudayiswa kuleli ngoba basazokwenza ucwaningo.
Ifana ncimishi njenge-ID.4 Pro kodwa okuhlukile ngayo wukuthi yona izoshayelwa ngamakhasimende akhethekile kanjalo nabezindaba. Babheke ukuthi bezwe izincomo ngaphambi kokuqala ukuyidayisa kusuka ngo-2026.
Iyathembisa ukuthi izokwenza khale uma nje intengo yayo izoba kahle nokuyinkinga ebhekene nezinkampani eziningi uma ziletha ezikagesi. Intela efakwa kuzo ithe xaxa uma iqhathanniswa nezinenjini kagesi noma uphethroli.
I-ID.4 Pro yi-SUV eyakhelwe imindeni enebhethri elingu-77kWh okuthiwa uma lishajwe lagcwala ungahamba ibanga elifinyelela ku-531km.
Leli yibanga elanele ukuya nokubuya emsebenzini kwabaningi isonto lonke. Kimi kodwa bengithi uma ngiyigcwalisile iveze ukuthi ingahamba 489km.
Amandla lawa angu-150kW ne-torque engu-310Nm futhi ijubane elikhulu ngu-160km/h.
Emgwaqweni ihamba kamnandi, ayizweli emabhampini futhi ayinamsindo otheni ongena ngaphakathi. Izinga layo liphezulu namandla ebezwakala enele ikakhulukazi njengoba kuyimoto yomndeni nje.
Engikuqaphelile wukuthi kumele uthi ukuqinisa unyawo uma unyathela amabhreki ngoba aqala ukubamba kahle uma usunyathele uhhafu.
Uma uyifaka ku-B iyazibhrekela uma udedela amafutha. Lokho kusiza nokuzama ukubuyisa umlilo ebhethrini. Uma uyishaja ufaka umlilo ogcina ku-150kW. Bathi ukusuka ku-0 iye ku-80% kuyithatha imizuzu engu-40.
Kwengu-50kW kuyithatha ihora nemizuzu engu-30. Ekhaya ungayishaja ngomlilo ongu-11kW.
Mina bengiyishaja enkabeni yeTheku kwi-shaja engu-50kW. Bekuvela ukuthi i-kWh lilodwa libiza u-R7. Lokhu kusho ukuthi njengoba ibhethri lingu-77kWh ungayigcwalisa ngo-R539 uma kuthiwa liphele nya, nokuyinto eshibhile uma uqhathanisa nemoto kagesi.
Ngiyishaja, kade iku-38% kuvele ukuthi kuzothatha ihora ukuze igcwale mfi.
Indlela ehamba ngayo emgwaqeni akuyona kuphela into eyenza ithandeke ngayo.
Ngaphandle ayikuvezi kakhulu ukuthi iyimoto ehamba ngogesi njengoba kuke kwenzeke kwezinye zezinye izinkampani.
Inamarimu angu-19 inch namalambu angamaLED ngaphandle. Ngaphakathi inkulu njengoba ine-wheelbase engu-2 771mm. Ibhuthi nayo inkulu njengoba ingu-543 litres kwazise ayinasipele, nokuyinto engingayithandi. Ikhona kodwa into yokulungisa isondo. Uma ulalise izihlalo, isikhala siba ngu-1 575 litres.
Ngaphambili ibukeka kahle, kune-touchscreen infotainment system engu-10 inch. Iyefana neyezimoto zakule nkampani njengoba iveza imininingwane eminingi.
Intengo yayo ayikho kwazise ayikaqali ukudayisa kodwa iyethembisa ukuthi izokwenza kahle impela.