Impilo Yabantu Ezezimoto

Kukhonya awaseChina nalandwa e-India kumaSUV adayısa kakhulu kuleli

INTATHELI YEZEZIMOTO|Published

The Chery Tiggo 4 Pro iyaqhubeka nokuba yintandokazi kubathengi bakuleli ngenxa yentengo yayo phakathi kokunye

Image: Sithunyelwe

IZIMOTO ezingaphezu kuka-hhafu esigabeni sama-passenger car ezidayiswa eNingizimu Afrika zingamaSUV okanye ama-crossover futhi uthando lwazo liyaqhubeka nokunyuka njengoba abathengi behlukana nama-hatchback nama-sedans..

Ngo-2024, amaSUV athengiwe enze u-52% wazo zonke izimoto ezingama-passenger car okuyisibalo esinyukile uma kuqhathaniswa no-2021 lapho okwakungu-45.2% khona.

Ingabe imaphi amaSUV ayintandokazi eNingizimu Afrika?

ITOYOTA Corolla Cross iyona SUV edayise kakhulu kuleli ngohhafu wokuqala wonyaka

Image: Sithunyelwe

Sihlanganise izibalo zakwa-naamsa zohhafu wokuqala wonyaka u-2025 futhi kubukeka ezakhiwe eChina nase-India ziyintandokazi.

Kuma-SUV angu-20 adayisa kakhulu eNingizimu Afrika, ayisithupha ngawezinkampani zaseChina futhi ayisishiyagalolunye akhiwa e-India okungawakwaToyota, Suzuki, Kia, Hyundai nakwaMahindra.

IToyota Corolla Cross eyakhiwa eProspecton, eThekwini, yiyo ekhonyayo njengedayisa kakhulu kuleli ngegebe elikhulu njengoba kudayiswa alinganiselwa ku-1 596 njalo ngenyanga.

Suzuki Fronx

Image: Sithunyelwe

ICross ethuthukiswe ngasekuqaleni konyaka, uthando lwayo luyaqhubeka nokukhula njengoba kudayiswe angu-2 132 ngoJuni.

Ingenye yamaSUV amabili akhiwa kuleli asohlwini lwangu-20 adayisa kakhulu.

EzaseChina ziholwa phambili yiChery Tiggo 4 Pro neHaval Jolion ezilele endaweni yesibili neyesithathu ngokullandelana. AmaTiggo 4 Pro adayiswa ngenyanga alinganiselwa ku-1 216 kuthi amaJolion abe ngu-1 064.

IFronx yakwaSuzuki eyakhiwa e-India ilele endaweni yesithathu futhi idayisa okwedlula umzala wayo iToyota Starlet Cross. Ngenyanga kuthengwa alinganiselwa ku-1 077 kuthi amaStarlet Cross abe ngu-865.

Iyodwa iSUV eyakhiwa e-Europe esohlwini okuyiVolkswagen T-Cross elele endaweni ka-12.

UHLA lwamaSUV angu-20 adayis ekakhulu kusuka ngoJanuwari kuya kuJuni nonyaka

Image: JASON WOOSEY