Impilo Yabantu Ezezimoto

Uhla lweziyintandokazi ezifakwa okokuvikela inhlamvu

INTATHELI YEZEZIMOTO|Published

I-MERCEDES-Benz V-Class ingenye yezifakwa okokuvikela inhlamvu

Image: Sithunyelwe

ABANTU bathenga izimoto bazenze ukuthi zingakwazi ukungena inhlamvu ngezizathu ezahlukene.

Enye yezinkampani ezihamba phambili kulokhu eNingizimu Afrika, iSVI Engineering, iveze uhla lwezingu-10 ezikhombisa ukuba yizintandokazi kulokhu.

UNicol Louw oyiBusiness Development Director kwaSVI uthe bahlale bethola imibuzo ngezimoto abantu abangazifaka ukuthi zikwazi ukubavikela enhlamvini.

“Yize kuke kwenzeke senze ezingajwayelekile njengokushintsha iMaserati Levante ukuwenza isibonelo, sijwayele ukweluleka amakhasimende ukuthi agxile ezimotweni ezijwayelekile. Lokhu kunciphisa nesikhathi sokuzenza ngoba ukwakha okufakwa kuzo kusuke sekwenziwe,” kusho uLouw.

I-VW Amarok engangeni inhlamvu kuyo

Image: Sithunyelwe

Ezihola phambili ngokuthandwa yiToyota Hilux.

“Le moto eyakhiwa eProspecton, ayiyona kuphela intandokazi kwabazimele abafuna ukuvikelela ngokweB4 (handhun kuya kwi-.44 Magnum) neB6 (ukuvikeleka ezibhamini ezinkulu ezihlanganisa i-AK 47, R1 neR5) kodwa iyathandwa kwabafuna i-package ebizwa ngeV2.0 semi-discreet.

Le package isebenza kakhulu ezinkampanini zonogada nasezimayini.

Ezinye yiFord Ranger ungayifaka iB2 partial armour noma i-360-degree B4 neB6 discreet.

3. Toyota Fortuner ifakwa iB2 partial armour, B4 noma iB6.

4. Toyota Land Cruiser 300 neLexus LX ezifakwa iB2, B4 neB6.

5. Volkswagen Amarok efakwa i-360-degree B4, B6 neB2.

6. Ford Everest efakwa iB2 partial armour, B4 neB6.

7. Toyota Land Cruiser 79 efakwe i-B2 partial armour, Stopgun V2.0 Plus, B4 neB6.

8. Mercedes-Benz V-Class ongayifaka i-B2, okanye iB4.

9. Toyota Land Cruiser Prado ongayikhetha ngeB2 partial, B4 discreet neB6 discreet.

10. Nissan Patrol ongayifaka iB2 partial, B4 discreet okanye i-B6 discreet.