Impilo Yabantu Ezezimoto

Injabulo uSjava eqokelwa ukuba yingxenye yamaGrammy

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI uSjava ozoba yingxenye yabasethimbeni lamaGrammy Awards angonyaka ozayo

Image: X/@XStreamerMusic

KUHALALISELWE intandokazi yomculi uJabulani “Sjava” Makhubo ngokuthi usezoba nezwi kwabaqokwa nabanqoba ezindondweni zomculi ezihlonishwa umhlaba wonke amaGrammy Awards.

Izindaba zokuqokwa kwakhe zimenyezelwe yinkampani yakhe i-1020 Cartel. Ithe lokhu kusho lukhulu ohambeni lwakhe nokubonakala kweqhaza lakhe emculweni kuleli nasemhlabeni jikelele.

Baningi abamhalaliselile ngalokhu okubalwa kubo usomahlaya uCeleste Ntuli, umculi uDaliwonga, Musa Keys, Beast nabanye.

Ngenyanga eyedlule, abahleli bawo badalule ukuthi abaqokiwe bazomenyezelwa ngoNovemba 7 bese kuthi abawinile baklonyeliswe emcimbini ozoba seLos Angeles ngoFebhuwari 1.

Ngonyaka ozayo kuzokwengezwa iminxa emisha okungoweBest Traditional Country Album noweBest Album Cover.

Ukungenela kuyo yonke iminxa kuvulwe ngoJulayi 16 kuze kube wu-Agasti 29. Kuvumeleke ukuthunyelwa imisebenzi ephume phakathi kuka-Agasti 31, 2024 no-Agasti 22, 2025.

Umzuliswano wokuqala wokujaja uzoba ngo-Okthoba.

Ngokwe-website yamaGrammy, balinganiselwa ku-3 600 abasha abamenywe ukuthi babe yingxenye yemiklomelo.

Isikhulu semiklomelo, uHavery Mason Jr, sithe abavotayo abagcini kuphela ngokuhlonipha ozakwabo ngokubaqoka nangokubawinisa kodwa bathola ithuba lokuthuthukiswa amakhono azosiza ukudlondlobalisa imisebenzi yabo, ukwazana nozakwabo emculweni nokuba yingxenye yenhlangano eyakha ikusasa lomculo.

Amalungiselelo amaGrammy angonyaka ozayo, nokuzoba ngaka-68, aseqalile.