Impilo Yabantu Ezezimoto

Abadayisi bezimoto bajabulela ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko

INTATHELI YEZEZIMOTO|Published

BAHLEKA bodwa abathanda ukonga uma bethenga ngesikweletu kulandela ukwehla kwenzalo yemalimboleko

Image: Sithunyelwe

INHLANGANO yabadayisi bezimoto, iNational Automobile Dealers’ Association (Nada), ikwamukele ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko yathi kuzofaka intshisekelo yokuthenga kumakhasimende.

IBhange loMbuso limemezele ukuthi inzalo yemalimboleko yehliswe ngo-25-basis-points kusuka izolo.

Lokhu kusho ukuthi inzalo yemali ebolekwa ngamakhasimende emabhange isiku-10.50% Nokuyinto ephansi eyagcina ukubonakala ngoNovemba 2022.

“INational Automobile Dealers’ Association iyasemukela lesi sinqumo esizonika amakhasimende namabhizinisi ithuba lokuphefumula kulesi sikhathi esinzima somnotho,” kusho uBrandon Cohen ongusihlalo weNada.

“Inzalo ephansi yemalimboleko isiza amakhasimende ukuthi akwazi ukumelana nezindleko zokuthenga izimoto futhi izosiza ukunyusa intshisekelo yokuthenga izimoto ezintsha nezingamasekeni, ikakhulukazi ezigabeni lapho amakhasimende ebheka khona kakhulu intengo.”