Impilo Yabantu Ezezimoto

IFord ihlabe ikhwelo kubanikazi bezimoto zayo ithola izinkinga

Fanelesibonge Bengu|Published

IFord Ranger Platinum enenjini engu-3.0l V6

Image: Sithunyelwe

IFORD Motor Company Southern Africa isihlabe ikhwelo kubanikazi bezimoto ezahlukene zabo ukuba bazilethe emagaraji zizohlolwa ziphinde zilungiswe izinkinga ezahlukene.

Izimoto ezithintekayo kubalwa amaRanger, Everest, Puma ne-EcoSport.

Le nkampani ithe isithole inkinga kumaRanger nama-Everest kwi-camshaft engenza ukuthi injini icishe kungazelele. Ithe lokhu kunyusa amathuba engozi.

Izimoto ezithintekayo zingu-1 050 okungezinenjini engu-3.0l V6 ezakhiwe phakathi kukaJuni 2022 noMashi 2025.

AmaRanger angu-571 (534 kuleli, 10 eBotswana, 24 eNamibia namathathu eSwatini).

Ama-Everest wona angu-479 (461 kuleli, ayisikhombisa eBotswana, 10 eNamibia neyodwa eSwatini.

Iphawula ngamaPuma ithe athintekayo akhiwe phakathi kukaNovemba 2021 noSepthemba 2024.

Ithe isithole ukuthi kunayinqwaba lapho ipayipi likaphethroli lingase lithinte khona i-bracket nokungalibulala.

“Ngokuhamba kwesikhathi, ukulimala kwepayipi kungaholela ekutheni uphethroli uvuze. Le nkinga ingase yenze ukuthi injini icishe kungazelele noma kudaleke umlilo. Abanikazi bengaqaphela iphunga likaphethroli, ukuvuza kwawo ngaphansi kwemoto noma intuthu evela kuphethroli endaweni eshisayo,” kusho iFord esitatimendeni.

Ithe zingu-1 796 izimoto ezithintekayo okungezingu-1 775 kuleli, ezingu-13 eNamibia, eziyisithupha kuleli nezimbili eSwatini.

Mayelana nama-EcoSport, angasadayiswa kuleli, ithe ithole ukuthi ama-half shaft awafakwanga kahle ne-transmission ngesikhathi yakhiwa

Lokhu kungenza aphume nokungaholela ekutheni imoto iphelelwe amandla ihamba. Kokunye ingazihambela uma ifakwe kuPark uma i-park brake ingadonsiwe. IFord ithe konke lokhu kunyusa amathuba engozi.

Izimoto ezithintekayo zingu-2 872 kuleli, eBotswana naseNamibia.

IFord ithe ithintana namakhasimende ngokuthi kumele ashayele amagaraji abawafunayo bahlele ukuthi imoto iyohlolwa iphinde ilungiswe. Lokhu kuzokwenziwa mahhala.