Impilo Yabantu Ezezimoto

I-Orlando Pirates isizotetemuka ngezakwaSuzuki

Fanelesibonge Bengu|Published

Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uNkosinathi "Bhodlela" Sibisi etetemuka ngeSuzuki Jimny

Image: Suzuki Auto

Inkampani engeyesibili ngokudayisa kakhulu izimoto ezintsha eNingizimu Afrika, iSuzuki Auto, isingene ebholeni elikhokhelwayo ngokusayina isivumelwano sokusebenzisana ne-Orlando Pirates.

ISuzuki ivele iyazibandakanya nezemidlalo ngokuxhasa iqembu le-rugby iSuzuki Griquas, eKimberly.

I-Pirates esanda kubuya eSpain lapho ibiyenza khona amalungiselelo esizini entsha, isizotetemuka ngezimoto ezahlukene zakwaSuzuki.

Phakathi kwazo kubalwa intandokazi iSwift, iGrand Vitara neJimny.

Ngenxa yalesi sivumelwano, ijezi elisha lePirates engalweni yangakwesokunxele selibhalwe igama lale nkampani.

Phambilini iPirates ike yasebenzisana neFord.

Muva nje iDurban City esanda kunyukela kwiBetway Premiership isayine isivumelwano neSupertech edayisa izimoto zakwaBMW.

Amanye amaqembu anobudlelwano nezinkampani zezimoto kubalwa iKaizer Chiefs ehamba ngezakwaToyota, AmaZulu FC ahamba ngezakwaMitsubishi neMamelodi Sundowns yona etetemuka ngezakwaChery.