I-VW ifuna abanikazi bamaPolo Sedan ukuze eyohlolwa inkinga yamabhande
Image: Sithunyelwe
I-VOLKSWAGEN South Africa isiyengeze esinye isibalo samaPolo Sedan afunelwa inkinga engase idale ukulimala noma ukufa komshayeli uma kunengozi.
Ngesonto eledlule iNational Consumer Commission (NCC) yenze isimemezelo ithi iVW ifuna amaPolo Sedan angu-18 adayiswe kusuka ngo-11 Agasti 2022 kuze kube yimanje.
I-NCC ithe iVW iyitshele ukuthi kufakwe ibhande elingafanele esihlalweni somshayeli.
Ithe kube nenkinga ngesikhathi imoto yakhiwa kwaphambana amabhande.
“Ngenxa yalokhu, umsebenzi webhande wokubamba ungaba mncane uma kunengozi. Lokhu kungaholela ekulimaleni kanzima noma afe umshayeli,” kusho iNCC.
Esimemezelweni sakamuva, kufuneka amaPolo Sedan angu-253 adayise kusuka ngo-11 Agasti 2022.
I-NCC ithe inkinga isemabhandeni asezihlalweni zangemuva nawo angase engawenzi umsebenzi uma kunengozi.
Ithe abashayeli kumele bathinte amagaraji akwaVW asemthethweni ukuze izimoto ziyohlolwa futhi uma kunesidingo amabhande ashintshwe.
I-NCC ithe impumelelo yalesi simemezelo incike ekutheni abanikazi bezimoto ezithintekayo baphendule.
Related Topics: