UMagesh "King of Spin" Ndaba
Image: Instagram
INGWAZI emdlalweni wokushaya izidudla uMagesh "King of Spin" Ndaba izoba yingxenye yomncintiswano iRed Bull Shay'iMoto eza eThekwini ngenyanga ezayo ngendlela ehlukile kuneminyaka edlule.
UMagesh, oqale ukudlala izimoto kusuka ngo-1997, ukhethe ukuhoxa ekubeni ngelinye lamajaji kwazise indodana yakhe uPrince "Magesh Jnr" Ndaba izoba ngomunye wabashayeli abazoncintisana.
IRed Bull Shay'iMoto wumncintiswano okuzoba ngokokuqala ubanjelwa eThekwini. Uzosingathwa eSuncoast Casino ngo-Agasti 10.
UBoksie owanqoba isicoco seRed Bull Shay'iMoto eKapa ngonyaka odlule uzosivikela eThekwini
Image: Red Bull/Mpumelelo Macu
Kuyona abashayeli kumele baveze amakhono okushaya izidudla nangokuchusha emapalini imoto ishushuluza kodwa bengashayisi lutho.
Abanye benza nemigilingwane ehlukene njengokuphuma imoto ibe iphenduka nokunye ngenhloso yokuchaza amajaji nezethameli.
"Umfana wami ungomunye wabazobe bencintisana ngakho ngiphoqeleke ukuthi ngihoxe ekubeni yijaji ukuze kungabi khona ukushayisana," kusho uMagesh ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto.
Abanye abashayeli abakhona wumpetha ovikela isicoco uChadwin 'Boksie' Hadjie, Jabu, Makgasa Fire, Robin Fortuin, Sadz – Flyboxin, Skopas / Bad Company, Team 2xspicy JZ, Team Kayla, Team Nevs, Team Osizweni, Team VQ25, Vaaitjie, Ziko noLockdiff.
"Uhla lufasile kuzobe kushube kakhulu," kusho uMagesh othe uqeqesha indodana yakhe njengoba enesikhungo iKwaMagesh eBrakpan.
Uthe kuningi abashayeli okumele bakwenze ukuze banqobe umncintiswano.
"Okokuqala kumele ube qatha emqondweni ngaphambi kokuthi ube qatha emzimbeni. Umncintiswano uza nengcindezi eningi kanti nemoto kumele ibe sesimeni. Uzokhumbula ukuthi iningi lalabashayeli alixhasiwe. Yonke into umuntu umazibonele nomndeni kumele upatanise. Uma usufikile kumele udlule kuzo zonke izingqinamba obekelwe zona enkundleni uqede ngaphansi kwemizuzu emibili nohhafu obekelwe wona ungashayisi lutho. Sibheka ukuthi uyibamba kanjani imoto ukhululekile na nokunye," kuchaza uMagesh.
Uthe lo mncintiswano uyinkundla ekahle yokuthi abashayeli bazibonakalise futhi bandlondlobale. Ukhale ngokugqoza kwabaxhasi emdlalweni wabo.
"Yiwona mdlalo ongenabo abaxhasi. Ungqongqoshe uGayton McKenzie wathembisa izulu nomhlaba kodwa kuze kube yimanje asikaboni lutho. Useyekile usebheke iFormula One. Uma kuvela izinkampani ezifana neRed Bull sizishayela izandla ngokuthatha amashansi afake imali emdlalweni ofana nalona. Bheka uSam Sam useyingxenye yabadlali bakwaRed Bull wenza izinto ezinkulu ngaphandle kwezwe. Ubese-Austria nje egila izimanga. Nabasemncintiswaneni kunethemba lokuthi uma uwina ungafika kulelo zinga," kusho uMagesh.
Amathikithi aqala kuR200 eComputicket.
Related Topics: