Impilo Yabantu Ezezimoto

Ikhwelo kubanikazi bamaPolo iVW ithola enye inkinga yezokuphepha

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Volkswagen Polo Sedan

Image: Sithunyelwe

I-VOLKSWAGEN South Africa isihlabe elinye ikhwelo kubanikazi bamaPolo sedan ngenkinga yebhande lomshayeli elingamenza alimale uma eba sengozini.

NgokweNational Consumer Commission (NCC), amaPolo Sedan athintekayo angu-18 adayiswe kusuka ngo-11 Agasti 2022 kuze kube yimanje.

I-NCC ithe iVW iyitshele ukuthi kufakwe ibhande elingafanele esihlalweni somshayeli.

Ithe kube nenkinga ngesikhathi imoto yakhiwa kwaphambana amabhande.

“Ngenxa yalokhu, umsebenzi webhande wokubamba ungaba mncane uma kunengozi. Lokhu kungaholela ekulimaleni kanzima noma afe umshayeli,” kusho iNCC.

Ithe abashayelu kumele bathinte amagaraji akwaVW asemthetthweni ukuze izimoto ziyohlolwa futhi uma kunesidingo ibhande lishintshwe.

Lesi simemezelo siza ngemuva kwezinyanga ezimbili kwenziwa esinye esithinta wona belu amabhande.l

I-VW yathi ikhanda lamabhande ezihlalo zangemuva lakhiwe langaqina ngendlela.

Uma imoto ibhreka mawala noma iba sengozini, angase engabambi ngendlela ngenhloso yokuvikela nokungaholela ekulimaleni. Zingu-905 izimoto ezithintekayo eziqale ukudayisa go-Ephreli 2 nonyaka. Abanikazi banxuswa ukuba bathinte amagaraji akwaVolkswagen ukuze izimoto zabo zizohlolwa futhi uma kunesidingo kushintshwe okuthintekayo.