IRENAULT Duster entsha yinhle njengoba inemibala emisha ehlukile namarimu angu-18 inch
Image: FANELESIBONGE BENGU
IMOTO: RENAULT DUSTER
KUTHATHE isikhashana ukuthi iRenault Duster entsha ifike eNingizimu Afrika kwazise yethulwe emhlabeni jikelele ngo-2023.
Lokho kodwa yinto engakhombisi nakancane uma uyibuka ngoba ubusha bugqamile njengoba yehluke kakhulu kunendala.
IDuster entsha yinhlobo yesithathu futhi eNingizimu Afrika iqale ukudayisa ngo-2013.
Ngingomunye owathatheka yiyo ngoba ngomunye unyaka ngake ngachitha amaholidi kaDisemba ngihamba ngayo. Ngathathwa yisikhala, ukonga kudizili nokukwazi ukuhamba ngisho obhuqwini ingaxakeki.
Entsha yakhelwe phezu kwesisekelo sendala kodwa base beyenza ibe yisimanje kwazise nezimbangi azizibekile phansi. Ngibala amaToyota Corolla Cross, Haval Jolion Pro, Chery Tiggo, nezinye.
Ngokwami isiyinhle kakhulu kunendala nokungaheha abaningi kuyo. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiZen eno-gearbox oshintshwayo nozishintshayo ne-Intens ezishintshayo.
IGABADE ilishiye ngo-210mm okuyenza uhambe ungenavalo lokushaya phansi Isithombe: Fanelesibonge Bengu
Image: Fanelesibonge Bengu
Ngaphambili kwi-grille esikhundleni sophawu njengaphambilini, sebebhale amagama akwaRenault agqama.
Amalambu ngaphambili ayazikhanyisa futhi angamaLED. Nangemuva amalambu ayiwo belu amaLED.
Iphinde inyathele ngamasondo anamarimu amahle angu-18-inch okunye into entsha njengoba phambilini abegcina ku-17-inch.
Uma ungena ngaphakathi inkulu kahle ukuthwala umndeni nempahla. Ngiyibone ilingana kunendala, umehluko uma ukhona ngabe mncane kakhulu njengoba bethi isiyinde ngo-2mm. Ibhuthi uyakwazi ukuyihlukanisa isikhala sokulayisha. Ngiyibone inkulu kahle ngoba inesikhala esingu-475 litres.
Ngaphambili uma uyithinta kwi-dashboard nakwezinye izindawo basebenzise uplastiki kodwa othanda ukuqina kancane.
Ibukeka iyimoto yesimanje kwazise ine-touchscreen ye-infotainment enkulu engu-10.1 inch. Uxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo, ikuvezela lonke ingaphandle uma upaka noma amakhamera engagqami kangako ikakhulukazi ebusuku, udlala umsakazo nokunye.
Ngaphakathi ine-screen esikhulu oxhuma kuso iselula nge-Apple CarPlay, siveza lonke ingaphandle nokunye Isithombe: Fanelesibonge Bengu
Image: Fanelesibonge Bengu
Ne-Instrument cluster bawukhiphile umhlobo mdi bafaka i-digital cluster engu-7 inch.
Ngiyakuthanda futhi ukuthi nezinkinobho ezinkulu zokuhlela amazinga okushisa azisekho, kunalokho bafake amabhathini amancane ayenza ibukeke kahle ngaphambili. Okunye okuncane yigiya nokwenza kube lula ukubeka iselula lapho eshajwa khona ngaphandle kwentambo. Zikhona izimbobo ezimbili zokushaja ngo-USB Type-C.
Imnandi ngoba inezindawo eziningi zokubeka izinto njengeselula kodwa ibilokhu ishibilika iwa nokho ikhona enye eduze kwe-screen, futhi kunekhosomba phansi kwendawo yokuphumuza ingalo, indawo yokubeka iziphuzo phakathi nendawo nasezicabheni.
Enye into eyayenza iDuster ithandeke yinjini yayo kadizili eyongayo nokuyinto engasekho manje.
Kunalokho kunekaphethroli eyi-hybrid.
Kwebesihamba ngayo kodwa kufakwe engu-1.3 litre turbo kaphethroli enamandla angu-113 kW ne-torque engu-250 Nm.
Isebenza no-gearbox ozishintshayo oyi-EDC futhi idonsa ngamasondo angaphambili.
Ibizwakala "inempilo" ngoba amandla akhona kodwa isikhathi esiningi ngisichithe ngingenayo imithwalo emikhulu okanye abagibeli abaphelele ngaphakathi.
Nasemgwaqeni ovulekile ihamba kahle ngeke ukhale ngokuxukuzeka nangokubambezeleka uma ufuna ukudlula enye imoto.
Bathi ngo-100km idla amalitha angu-6.5 kodwa kimi ibidla 8.1/100km.
Yilapho ekhumbuleka kakhulu khona ekadizili eyayiziphuzela 5.0l/100km ngihamba ngayo.
Kwi-touchscreen iyakuvezela iphinde ikunike amathiphu okonga ikunikeze namaphuzu kwawu-100. Ngizithole sengifuna ukushaya amaphuzu aphezulu ngihamba ngokucophelela. Ezinye izinto ekutshela zona uma wenza iphutha wukuthi nyusa umfutho ekulindeleni okuzokwenzeka ungabhreki nje usuxhamazela.
Lokhu ngikubona kungenye yezinto zokuphepha ngoba esikoleni seDefensive Driving uyafundiswa ukuthi hlala wazi konke okwenzeka emgwaqweni uma ushayela ube nohlelo lokuthi uphunyuka kanjani uma kuvela ingozi.
Okunye kwezokuphepha abakufakile ama-airbag ayisithupha, iyasho uma kunemoto eseceleni, iyawusho umoya osemasondweni nokunye.
I-Duster entsha isezingeni impela kodwa akusafani nasesikhathini saphambilini ngoba amakhasimende asengabheka ezimotweni eziningi. Nentengo yayo ayisekho phansi njengasekuqaleni.
Intengo:
Renault Duster Intens 4x2 - R519 999
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.
Related Topics: