Impilo Yabantu Ezezimoto

Ithintwe lapha nalapha iKia Sorento ukuze ibe 'yintsha'

Fanelesibonge Bengu|Published

IKIA Sorento ethuthukisiwe ifika nengaphambili elenziwe kabusha

Image: Sithunyelwe

IMOTO: KIA SORENTO

Ngesikhathi izangoma zezulu zakwaSouth African Weather Service zikhipha isexwayiso ngamakhaza ashubisa umnkantsha obekuthiwa azoqala ngoLwesithathu eKapa, besesivele sikhona kwethulwa iKia Sorento ethuthukisiwe. 

Ibhanoyi lithe lilungeselela ukuyohlala esikhumulweni sezindiza ngoLwesibili ekuseni umshayeli washo ukuthi amazinga okushisa angu-11 degrees. 

Uma uphuma eThekwini lokho kusuke kungathi likhithikile kwazise khona lifudumele.

Asichithanga sikhathi sifikile sabe sesinikela emotweni esize ngayo. 

Ngithe nhla ngaphambili ngabona ukuthi umehluko omkhulu yilapho okhona. 

Ifika nendlela yesimanje izimoto zakwaKia ezakhiwa ngayo. Amalambu angamaLED ngaphambili ahambisana nama-daytime running lights asemi aqonda abheka ezansi futhi anamathela ngasemakhoneni ukukhombisa ububanzi bemoto.

ZONKE izinhlobo zeKia Sorento sezifika namarimu angu-20 inch

Image: Sithunyelwe

Akugcini lapho nobhampa ushintshile kanjalo ne-grille nebhonethi phezulu. 

Ohlangothini zonke izinhlobo sezinamarimu angu-20 inch bese kuthi ngemuva ibe nobhampa oshintshile. 

Ngokuhamba kosuku ngihambe ngathola ukuthi indlela abazakha ngayo ngaphandle bazenza zifane ungaboni ukuthi iyiphi ebiza kakhulu okwedlula enye.

Okunye okufana ngazo zonke yinjini engu-2.2l turbo kadizili njengasekuqaleni. Bathathe isinqumo sokuyigcina bengayilethi eyi-hybrid ngenxa yokubuka indlela imakethe esayiyo okwamanje, ngokusho kwabo. 

Injini le, inamandla angu-148 kW ne-torque engu-440 Nm. U-gearbox uyi-8 speed auto. 

Ingenye yezinto ezithandeka ngaleSorento ngenxa yamandla nendlela eyonga ngayo kudizili.

Ngithe nhla yaveza ukuthi ingahamba 1 039 ithangi ligcwele. Bathi idla 6.0l/100km. 

Okunye engikwenzile wukuvula i heater, ukushisisa isihlalo kanjalo nesiteringi esigqize ngesikhumba.

Yilapho-ke okuze kuqale khona umehluko ngoba lokho awukutholi kwi-EX+ eyisingeniso. Ukufica kwiSX neSXL esesicongweni somndeni.

IKIA Sorento ishintshiwe ngaphambili kwi-screen se-infotainment namabhathini ngezansi asefana naweKia Sportage

Image: Sithunyelwe

Uma ngingakha phezulu izinto ngayinye enazo: i-EX+ ine-panoramic sunroof, ama-sensor ngaphambili nangemuva, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, i-screen esisha se-infotainment system esingu-12.3 inch esiveza ikhamera ngemuva yokupaka ne-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. 

I-SX inakho konke lokho kodwa kwengezwe iSmart Cruise Control, izihlalo ezihlelwa ngogesi ngaphambili, izindawo zokushaja nge-USB ngemuva, ama-wiper azishayayo uma lina, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasiza ukugwema ingozi nokunye.  

Konke lokhu uyakuthola nakwiSXL kodwa kwengezwe ezokuphepha ezithe xaxa njengokuthi igweme ingozi noma uhlehla, ama-sensor emaceleni, amakhamera aveza umzimba wonke, Bose Sound System, Head-Up Display nokunye.

Ngokobukhulu le-SUV elayisha abagibeli abayisikhombisa isalingana nendala. Isikhala sebhuthi siphakathi kuka-608 no-813 litres. 

KwaKia bathi kwendala bebedayisa aphakathi kuka-30 no-50 nenyanga nokuyinto ababheke ukuthi yenzeke nakule kodwa bengazikhohliwe izimbangi ababala kuzo iBMW X3, Hyundai Santa Fe nePalisade, neMercedes-Benz GLC.

Intengo:

Sorento 2.2 CRDi 7-Seater EX+ 2WD 8DCT  - R999,995

Sorento 2.2 CRDi 7-Seater SX AWD 8DCT - R1,199,995

Sorento 2.2 CRDi 7-Seater SXL AWD 8DCT - R1,299,995

Zonke zifika ne-warranty ehlanganisa i-roadside assistance yeminyaka emihlanu ne-maintenance plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.