IZOBUKEKA kanje iSUV entsha ezokwakhiwa kuleli kodwa ezonikwa igama elihlukile uTengo
Image: VW Brazil
Kuyekelelwe ezandleni zabantu ukuthi bakhethe igama okuzokwethiwa ngalo iSUV entsha encane yakwaVolkswagen Group Africa ezokwakhiwa eNingizimu Afrika.
I-SUV le izongena ngaphansi kweT-Cross ngokobukhulu bayo futhi kulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa kusuka ngo-2027.
Ifemu yakwaVW eKariega, eGqeberha, yiyo kuphela eyakha iPolo Vivo nePolo GTI emhlabeni jikelele. IPolo eyakhiwa khona idayiswa emazweni ase-Afrika, Europe nase-Asia.
Njengoba amagama amaSUV akwaVW eqala ngo-T, nale entsha izolandela kulokho.
Amagama abephakanyisiwe mane okunguTengo, Tavi, Tion noTiva.
UTengo kuthiwa usho amandla nokuphokophela. UTavi yigama elingena kunoma yiphumi ubulili elisho ubuhle noma ukuthandwa. NgesiLatin kuthiwa lisho usishiyagalombili. UTion yena kuthiwa yigama eligqamisa ubuhle futhi elisusa nomuzwa woshintsho kuthi uTiva usho imvelo ngokwesiHebrew.
Kugcinwe kukhethwe uTengo njengoba ukuvota bekuqhubeka ngama-link abefakwe emakhasini akwaVW ezinkundleni zokuxhumana.
Kwenzeka lokhu nje, ifemu ike yavalwa izinsuku ezingu-25 ngoDisemba, kulungiselelwa ukwakhiwa kweSUV entsha.
Iphinde yavalwa futhi phakathi kuka-Ephreli 14 noMeyi 12 nonyaka, ukuqedela amalungiselelo njengoba inkampani itshale u-R4 billion.
Efemini yakwaVW eBrazil, ezosebenza ngokubambisana neyakuleli, kuqalile ukwakhiwa kwayo futhi izodayisa emazweni okubalwa kuwo i-Argentina, Chile, Colombia, Uruguay neMexico.
Kuleliya zwe ibizwa ngeTera.
Related Topics: