Impilo Yabantu Ezezimoto

Ijime ngokwanele ukubhekana nempi ekuyo iHyundai Tucson esithuthukisiwe

Fanelesibonge Bengu|Published

IHyundai Tucson ethuthukisiwe yehluke kakhulu ngaphambili Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: HYUNDAI TUCSON

KULO nyaka kuhlangana iminyaka engu-21 kwaHyundai baqala ukudayisa iTucson eNingizimu Afrika.

Kule minyaka edlule ike yaphinde yabizwa nge-ix35 kodwa igama labuye laphindela kwelakudala iTucson.

Kuthe ngo-2022 kwafika entsha okuyinhlobo yesine nokuyiyo asebeyithuthukisile manje njengoba kungu-2025 nje.

Kuningi okusha abakwenzile kuyo kwazise nezimbangi azizibekile phansi. Bheka ngoba kwaVolkswagen ekupheleni konyaka odlule balethe iTiguan entsha eyimbangi enkulu yeTucson.

Ezinye izimbangi yiToyota RAV4 okusanda kuvela entsha emhlabeni jikelele nokuyimoto okungakaziwa iza nini kuleli. Ngeke sizikhohlwe nezaseChina ongabala kuzo iBaic Beijing X55 neJetour Dashing. Ezinsukwini kwethulwa neHaval H6 entsha.

ITucson bayishintshe ngaphambili indlela ebukeka ngayo kwi-grille, kwi-slid plate nakubhampa.

I-touchscreen infotainment system ehlangana ne-digital instrument cluster yenza ingaphakathi leTucson libukeke kahle Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

Uma icishile ngeke uwanake amalambu akwi-grille ekhanyisa ngawo ngoba amesha kamnandi nayo kuze kuba iyaduma. Amalambu lawa akhanyisa kahle ebusuku. Okuphelelisa ubuhle bayo ngamarimu angu-19 inch bese iba namalambu angamaLED nangemuva.

Ngaphakathi yilapho zibuya khona ikakhulukazi ngaphambili okwenziwe khona ushintsho olukhulu.

Okokuqala engikuqaphelile yisiteringi esingaqoshiwe uphawu lakwaHyundai. Bengizitshela ukuthi mhlawumbe luqathakile ngabheka ezithombeni zezinye izimoto ngabona nakhona lungekho. NakwiSanta FE yinto efanayo.

Ngokwami kuba kuhle uma lukhona.

Kodwa okuhle abakwenzile wukufaka i-touschscreen infotainment system enkulu eyi-curve ehlangana ne-digital instrument cluster.

Iyinikeza umuzwa wokuthi uhamba ngemoto kanokusho njengoba kuyinto ecishe ifane nasezimotweni zakwaBMW zakamuva.

IHyundai Tucson inyathela ngamasondo anamarimu angu-19 inch

Image: Fanelesibonge Bengu

I-screen sigqama kahle emini nasebusuku. Ngiyakuthanda nokuthi ngezansi kunamabhathini okwenza izinto ngokushesha uma ungafuni ukulokhu usithinta. Kukhona nawe-aircon nokuyinto enhle engafani nakwezinye okumele konke ukwenze kwi-touchscreen njengakwiTiguan.

Kwi-screen uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, udlala umsakazo, ubona ingaphandle uma upaka nokunye.

Ezinye izinto enazo ngaphakathi yizihlalo ezifudumalayo ziphinde zibande ngaphambili, izimbobo zokushaja nge-USB ezimbili ngaphambili nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, izimbobo ze-USB ezimbili ngemuva. Kushoda kuphela i-sunroof oyithola kwi-N-Line.

Njengoba i-wheelbase ingu-2755mm nje, isikhala sabagibeli ngaphakathi sikhulu. Empeleni ikhulu kune-Jetour, Gac Emkoo, Beijing X55, neCitroen C5 Aircoss kodwa ingaphansi kancane kuneTiguan.

Isikhala sebhuthi singu-539 litres futhi kunesondo eliyisipele eliphelele elingu-19 inch elinerimu okuyinto enhle.

Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.0 litre turbo kadizili enamandla angu-137 kW ne-torque engu-416 Nm. U-gearbox uyi-6 speed auto.

Esikhathini lapho kukhulunywa khona indaba yezimoto ezingama-hybrid okanye ezihamba ngogesi kuphela, kuhle ukubona kwaHyundai besayigcinile injini kadizili ngoba yenza iTucson ihambe kahle. Injalo iyonga ngoba ibidla amalitha angu-7.5 ngo-100km okuyinto eseduze kakhulu kuno-7.4l/100km abawushilo.

Cishe ungawuhamba u-900km ngethangi ngoba ngihambe 741km yaveza ukuthi isengahamba 139km.

Emgwaqweni ihamba kahle namagiya ashintsha kahle ayishodi.

Intengo:

Hyundai TUCSON R2.0D Executive AT – R709 900

Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km.