AMALAMBU angamaLED akhanya bha ebusuku kwiMercedes-Benz E-Class Isithombe: Fanelesibonge Bengu
Image: Fanelesibibonge Bengu
IMOTO: MERCECES-BENZ E-CLASS
ZIJIKILE izinto emakethe njengoba abathengi abaningi bekhetha izimoto ezingamaSport Utility Vehicle (SUV) kunezingama-sedan.
Nokho uhuntshu iMercedes-Benz E-Class lungakwenza ucabange kaningi ngaphambi kokulanda iSUV.
Lugabe ngenqwaba yobuchwepheshe, lunjalo nasesweni alukwenzi ufifiyele ukubheka ubuhle.
I-E-Class yimoto enomlando kwaMercedes njengoba ineminyaka engaphezu kuka-70 yaqala ukwakhiwa.
Imbangi yayo enkulu yiBMW 5 Series okulethwe entsha ekuqaleni kuka-2025.
Ngaphandle ibukeka kahle inamarimu angu-21 inch. Kodwa yisebusuku lapho engibona ngathi kumnandi khona ukuyibuka, ukuba kuyo nangokuhamba ngayo.
UMA uthanda uyakwazi ukufaka i-screen somgibeli eceleni ngaphambili ukuze achithe isizungu Isithombe: Fanelesibonge Bengu
Image: Fanelesibonge Bengu
Usondela kuyo ivele iveze izibambo zokuvula izicabha ezicashayo uma isihamba. Ngasohlangothini lomshayeli ikhanyisa phansi idwebe uphawu lweMercedes.
Ngaleso sikhathi, ngaphambili i-grille isikuse isikhanya kanjalo namalambu angamaLED ngaphambi nangemuva, njengembangi yayi i-5 Series.
Uma ungena ngaphakathi wubukhazikhazi bamalambu e-ambient lighting okwazi ukushintsha ukuthi akhanyise ngombala onjani kanjalo nokugqama kwawo.
Emgwaqweni ngibone amalambu ekhanyisa ngendlela yokuthi ungaze ucoshe nenaliti.
Okuhle wukuthi njengomshayeli, izandla zihlala esiteringini ngoba azenzela wona konke. Akhanya kakhulu okuthi uma kunemoto eqhamukayo noma oyilandaleyo adime ngakuyo ebe ekhanyisa mawala emaceleni nokuyinto enhle.
Ngaphakathi ngicabanga ukuthi yilapho eyihlula khona kakhulu i-5 Series indlela ebukeka ngayo. Nokho i-5 Series ngokwami uthe ukuqinaqina kunayo kakhulukazi uma uthinta ezindaweni ezifana ne-dashboard.
AMASONDO angemuva ayajika kwiMercedes-Benz E-Class ukuze ithathe indawo encane uma uyiphendula Isithombe: Fanelesibonge Bengu
Image: Fanelesibonge Bengu
Phakathi nendawo kune-screen esikhulu se-infotainment owenza yonke into kuso njengokuhlela amazinga okushisa, uveza inkombandlela, ubona ingaphandle, udlala umsakazo ngezipikha ezikhala kamnandi zeBurmester® 4D surround sound system ozikhokhela imali eyengeziwe uma uzifuna.
I-instrument cluster ngiyithandile ngoba uyakwazi ukuyishintsha izinto ofuna ukuzibona kuyo okubalwa kuzo nenkombandlela egqama kamnandi futhi eveza nge-3D. Phezulu kuphinde kube ne-Head-up Display.
Umgibeli ngaphambili akabhoreki ngoba uma uthanda uyakwazi ukufaka i-screen sokuthi azichithele isizungu ngokubuka ama-video, adlale ama-games ahlukene nokunye.
Awuphazamiseki njengomshayeli ngoba ufaka ama-headphones. I-screen lesi ungathi ungasihlela ukuthi uma ushayela ungaboni okwenzeka kuso ngoba ungagcina amehlo ungasawabhekisile phambili.
Okunye wukuthi kumele ube nendwangu ehlala emotweni yokulokhu usula ama-screen lawa ngoba ayakubamba ukungcola.
Namabhathini asesiteringini ngokunjalo ayakuceba uma ukade ulokhu uwathinta. Abuye ahluphe-ke wona futhi ngoba athinteka kalula unganakile, ubone mhlawumbe kwi-cluster sekuvela okunye obungakufakanga.
Okunye okuzwelayo ekungcoleni yizihlalo zebesihamba ngayo eziyisikhumba esi-cream ezifuna ukuthi ube yinono. Kula makhaza bengivele ngizifudumeze okuyinto enhle.
Ngale kwalokho, inkulu kahle ngoba abagibeli ngemuva bahlala benethezeke. Bazihlelela amazinga okushisa futhi kunezimbobo zokushaja ezimbili. Okhakhayini kunama-sunroof amabili phambili nangemuva bese kuthi ebhuthini ibe nodedangendlale wesikhala.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu-150kW ne-torque engu-320Nm. Kunamandla athe xaxa angu-17kW kwi-boost.
Ngisayisusa nje, ngichazwe yindlela ejika ngayo eduze ngoba bayifake i-rear-axle steering.
Uma uswaya ngakwesokudla amasondo angemuva aphenduka ngakwesokunxele bese ivele ingayithathi indawo ende ukujika nokuyinto enhle.
Uma usungena emgwaqweni ihamba kahle ishushuluza buthule. Nokho bekuba wukungena endaweni umgwaqo lapho ungabi muhle khona ngiyizwe ixukuzeka kabuhlungu ngathi ilahlekelwa wukubhalansa.
Kungenze izikhawu lokho ngiyizwa ukuthi ayikhululeki okuyinto engingakaze ngiyizwe yenzeka kwi-5 Series.
Amandla akahle uyayizwa ukuthi yimoto yomnumzane uma efuna ukudlula enye imoto ukwenza lokho ngokushesha ngale kwenkinga.
Engikuthandayo futhi yizinsiza zimshayeli nezokuphepha abazifakile.
Ngibala ama-sensor emzimbeni akuxwayisa ukuthi ungashayisi, iyakusiza ukuhlala emzileni, adaptive cruise control nokunye okuningi.
Isikhathi esiningi bengisichitha ngizihambela edolobheni kuphethroli yaveza ukuthi idla amalitha angu-10.4 ngo-100km.
Ishibhile kunekadizili i-220 d kodwa ungonga kakhulu ephaketheni ngokuhamba kwesikhathi ngoba ungalivakashela kancane igaraji.
Intengo:
E 200 - R 1 250 746
Ifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.
Related Topics: