Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuningi okuthandeka ngemoto yonyaka iBMW X3

Fanelesibonge Bengu|Published

I-BMW X3 ineBMW Kidney Iconic Glow ekhanyayo eyenza igqame Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: BMW X3

EMASONTWENI ambalwa edlule, iBMW X3 imenyezelwe njenge-2025 South African Car of the Year emncintiswaneni weSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ).

Yehlule inqwaba yezimoto okubalwa kuzo neSuzuki Swift elale endaweni yesibili.

Njengelungu leSAGMJ, okuyinhlangano yezintatheli zezimoto futhi ebelingelinye lamajaji omncintiswano, ngibe nesandla ekutheni iX3 idle umhlanganiso.

Okokuqala okuthandekayo ngeX3, ukuthi yakhiwa efemini yakwaBMW iPlant Rosslyn, ePitoli. Lokhu kuwufukula kakhulu umnotho wakuleli njengoba sazi isimo sinjani.

Empeleni ehamba ngogesi i-30e xDrive plug-in hybrid yakhiwa khona kuphela bese yasatshalaliswa umhlaba wonke.

Okunye okuhle ngayo wukuthi inezinhlobo ezintathu okhetha kuzo, ekadizili i-20d xDrive eyi-plug in hybrid nekaphethroli i-M50 xDrive.

Lokhu kuyenza ikwazi ukuncintisana kahle nezimbangi ongabala kuzo iMercedes-Benz GLC, Audi Q5, Alfa Romeo Stelvio nezinye.

I-M50 xDrive yiyona ebesiyizwa amandla okuyinto engashodi ngayo.

Njengoba kuvela ukuthi azikho izinhlelo ze-X3M, i-M50 xDrive yiyona ekhonyayo ngamandla.

I-BMW X3 M50 xDrive inezinqawe ezine ezingenawo umsindo otheni Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

Inenjini engu-3.0 litre TwinTurbo in-line six-cylinder kaphethroli ekhafula amandla angu-293kW ne-torque engu-580Nm.

Iyashesha ukungena ejubaneni injalo, ukhohlwe nokuthi iyasinda ngoba bekuba wukusuka ngiyibone isiqhashe yahlala laphaya. Kungenze ngakholwa wukuthi ithatha imizuzwana engu-4.6 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h njengoba besho.

Iyayehlula i-Audi SQ5 yona enamandla angu-260kW futho okuyithatha imuzuzwana engu-5.4 ukuhlala ku-100km/h.

Etiyeleni ngiyizwe inamathala nokulekelwa wukuthi idonsa ngawo wonke amasondo ngo-gearbox oyi- eight-speed Steptronic Sport.

Yize u-gearbox ushintsha kahle uma uzenzela kodwa bengike ngifune ukuzibambela, ikakhulukazi uma ngiyifake ku-Sport. Ngithwale kanzima ngithi ngishintsha igiya kuma-pedal shifters emuva kwesiteringi, ivele ingibuka nje. Kuze kwaphoqa ukuthi ngisebenzise amandla kwayi-ma ishintsha.

Ngakwesokunxele kodwa lapho ushintsha khona uma uwehlisa amagiya bekulula kakhulu.

Ingichazile indlela ebhalansisa ngayo ukuba namandla e-sporty nokuba yimoto yomndeni yansukuzonke entofontofo. Phela uma unyukela kwiM yangempela ithanda ukuzwela kakhulu emgwaqweni ngenxa ye-suspension eqinile.

Lapha i-adaptive M sport suspension iyenza ingazweli uma uzahambela kahle bese iyashintsha uma usungena ejubaneni.

Bengingathanda ukuthi izinqawe ezine ngemuva zibe nomsinjwana othe xaxa ngoba mncane okhona.

Okuhle kodwa wukuthi azingixabanisanga nomakhelwane ngoba ekuseni ayibhavumuli phezulu, iduma kahle bese iyabhala kwi-instrument cluster ukuthi isafudumala. Emuva kwesikhathi kade uhamba ngayo uma usuyidumisa ifudumele ukuduma, kuba phezulu kodwa hhayi kangako.

Noma sengizopaka futhi ibithule du kungathi ngizihambela ngemoto kagesi.

Cishe kwenziwa yi-48V mild hybrid technology enayo ephinde ilekelele nasendleleni edla ngayo uphethroli.

Bheka ngoba ngemuva kwesonto elihlanganisa ukudweba ngibheke eMpangeni, nokuzulazula edolobheni, ibidla amalitha angu-9 ngo-100km nokuyinto engakhalisi nhlobo.

Injini akuyona into eheha ngayo iX3 entsha.

Inenqwaba yobuchwepheshe bezokuphepha nezinsiza zomshayeli. Ngibala nokuthi izipake wena ugoqe izandla.

Nendlela eyakhiwe ngayo ngaphandle iyabukeka. Ngaphambili ine-grille enkulu eyenza igqame uma iqhamuka emini nasebusuku ngoba iyakhanya. Amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva.

Okunye okukhulu yiyona imoto uqobo uma uyiqhathanisa nendala njengoba isiyinde futhi yavuleka.

I-wheelbase yayo engu-2, 865mm isikhala sabagibeli abayisihlanu sibe kahle.

NGAPHAKATHI ibukeka futhi ikhanya kahle iBMW X3 entsha Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

Ngemuva kunendawo ezimbili zokushaja nge-USB. Kuphinde kube nezimbobo zokukhipha umoya nezihlalo ezifudumalayo nokho okugcine kungihlula ukubona ukuthi kusebenza kanjani.

Ngaphambili izihlalo ziyafudumala ziphinde zibande uma uthanda. Izindawo zokukhipha umoya zihlukile, ziyakudida uma ungazazi bese uyazibamba.

Kugqame i-touchscreen infotainment system enkulu okuyilapho izinto eziningi uzenza khona. Ngiyakuthanda ukuthi isekhona indawo yokuyilawula ngasegiyeni uma ungathandi ukulokhu uthinta i-screen size singcole.

Kuningi okwenzeka kwi-screen okunye angikusebenzisanga ngaphandle kokuzixhumela iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo. Bengizidlalela umsakazo, ngibona khona indlela edla ngayo uphethroli, amakhamera ngaphandle ngisetha namazinga okushisa.

I-screen lesi sihlangana kahle nese-instrument cluster osishintshayo ukuthi sikuvezele ini. Uma ungafuni ukususa amehlo phambili ayikho inkinga ngoba kukhona i-Head-Up Display.

Ingaphambili selilonke libukeka kahle, akunamabhathini alingcolisayo. Iphinde ikhanye kamnandi nge-ambient lighting eshintsha nemibala ngokwama-drive modes osuke ukuwo.

Okunye okwengeza ubuhle yi-panoramic sunroof egcwele ukhakhayi. Ayisavuleki ngoba ngokocwaningo lwakwaBWM abantu abayivuli kungene umoya kunalokho bafuna ukuzibukela isibhakabhaka nje kuphela.

Ibhuthi nayo inkulu futhi uma uthanda uciphiza ibhathini lokukhipha i-towbar udonse inqola ukwandisa isikhala.

Isiyonke iyimoto ekahle iX3 futhi abantu bakhombisa ukuyithakasela okufakazelwa wukuhlale ngiyibona emgwaqweni.

Intengo:

BMW X3 M50 xDrive – R1 530 000

Ifika ne-Motorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.