Impilo Yabantu Ezezimoto

Imibono ehlukene ngokuthengwa kwezimoto ngoMeyi

Fanelesibonge Bengu|Published

KWATOYOTA badayise amaCorolla Cross angu-1 629 ngenyanga edlule

Image: Sithunyelwe

Kube nemibono ehlukene ngezibalo zokudayiswa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngoMeyi.

Ngokwe-naamsa, zibe ngu-45 308 izimoto ezintsha ezidayiswe kuleli nokuyisibalo esinyuke ngo-8 169 noma u-22.0% uma kuqhathaniswa no-37 139 owathengwa ngoMeyi 2024.

USihlalo wenhlangano yamagaraji, iNational Automobile Dealers’ Association (Nada), uBrandon Cohen, uthe naphezu kokuzamazama komnotho emhlabeni nenyanga emfishane yokudayisa, imboni yakuleli ibuye nezibalo eziqinile nokumangazile.

Uthe sebelinde ukubona ukuthi isimemezelo sokunyuka kweVAT okugcine kuhoxiswa kube nomthelela yini ekutheni abantu bathenge ngale ndlela izimoto.

Uthe ukunyuka kwesibalo sezimoto ezingama-light commercial vehicle kukhombisa ukuthi isimo somnotho singcono.

Isikhulu esiphezulu se-naamsa, uMikel Mabasa, sithe isinqumo seBhange loMbuso sokwehlisa inzalo yemalimboleko ngo-25 basis points sifike ngesikhathi esihle futhi basishayela ihlombe.

“Seseka ukuthi amakhasimende akwazi ukumelana nezindleko futhi sigqugquzela nokuthi imikhiqizo yethu ikwazi ukuncintisana neyangaphandle ngesikhathi lapho ukungacaci kahle kwezinto emazweni omhlaba kuthwalisa kanzima imakethe yakuleli yakwamanye amazwe,’ kusho uMabasa.

Okhulumela iWesBank, uLebo Gaoaketse uthe izibalo zenyanga edlule ziqhathaniswa nezangoMeyi nyakenye lapho kwakuyiwa okhethweni lukazwelonke khona.

“Ezinyangeni ezingu-12 ezedlule abantu baseNingizimu Afrika babeyovota hhayi emagaraji ezimoto. Izibalo zangoMeyi 2024 zaziphansi ngo-14.2% uma ziqhathaniswa nezangoMeyi 2023 nokuwukudweba isithombe sokwenzeke kulo nyaka,” kusho uGaoaketse othe inyanga ibe yinhle kodwa okungesona isizathu esikhulu sokujabula.

Uthe yize izibalo zinika ithemba kodwa imindeni iyaqhubeka nokuba ngaphansi kwengcindezi kwezomnotho.

Ngokwezinkampani iToyota iqhubekile nokudayisa kakhulu. IHyundai ibe nenyanga enhle emuva kwesikhathi idayisa ezingaphezu kuka-3 200.

Izinkampani ezingu-15 ezidayise kakhulu:

  1. Toyota - 10 330
  2. Suzuki Auto - 5 536
  3. Volkswagen Group SA - 4 582
  4. Hyundai Automotive SA - 3 251
  5. Ford Motor Company - 2 932
  6. GWM SA - 2 069
  7. Chery Auto SA - 1 995
  8. Isuzu Motors SA - 1 961
  9. Mahindra - 1524
  10. Kia SA - 1 406
  11. Renault - 1 302
  12. BMW Group - 1 253
  13. Omoda & Jaecoo SA - 924
  14. Nissan - 907
  15. Stellantis – 641

Izimoto ezidayise kakhulu:

  1. Toyota Hilux - 2,548
  2. Ford Ranger - 2,147
  3. Suzuki Swift - 1,842
  4. Toyota Corolla Cross - 1,629
  5. Volkswagen Polo Vivo - 1,543
  6. Isuzu D-Max - 1,473
  7. Hyundai Grand i10 - 1,350
  8. Chery Tiggo 4 Pro - 1,255
  9. Suzuki Fronx - 1,219
  10. Haval Jolion - 1,113
  11. Toyota Starlet - 1,039
  12. Kia Sonet - 863
  13. Mahindra Scorpio Pik-Up - 786
  14. Volkswagen Polo - 767
  15. Suzuki Ertiga - 721