Impilo Yabantu Ezezimoto

Inabantu bayo iMini Cooper

Fanelesibonge Bengu|Published

IMini Cooper entsha

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: MINI COOPER

IMINI Cooper ngiyibona iyilezi zimoto umuntu uma esenqumile ukuthi uyayifuna kube nzima ukuthi umvimbe.

Yize incane kodwa iyimoto enkulu ngokomlando njengoba ike yabonakala nasemafilimini.

Ngiyakhumbula eminyakeni edlule kunoDJ baseThekwini ababehamba ngawo baze bazetha igama lefilimu i-Italian Job eyayibonakala kuwo.

Amafilimu nezinye izizathu kungenza umuntu ashe amashushu ngayo angafuni lutho olunye.

KwaMini, okuyinkampani engaphansi kweBMW Group, sebekwazile nokuyenza ihambisane nesikhathi ngokuthi njalo uma bethula entsha bengayoni nokungagcina kuxosha amakhasimende.

Empeleni kule minyaka edlule baze bengeza nezinye izinhlobo ukumelana nezidingo zamakhasimende njengokwethula ehamba ngogesi, eyiSUV iCountman nezinye izinhlobo.

I-screen esiyindilinga phakathi nendawo siyinhliziyo yeMini Cooper ngoba yilapho wenza khona cishe yonke into

Image: Fanelesibonge Bengu

Esithole ukhiye wayo yiCooper eyi-three door.

Ikhanga ngobuhle futhi ayihlukile kakhulu kwendala njengoba ibambe isitayela iMini eyaziwa ngaso samalambu ayindilinga. AngamaLED anama-daytime running lights phakathi. Ngangemuva futhi amalambu angamaLED.

Ngaphakathi ayinalo uxhaxha lwamabhathini kunalokho cishe yonke into uyenza kwi-touchscreen infotainment system eyindilinga. Uma ngithi yonke into ngibala ukusetha amazinga okushisa, ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay, inkombandlela, ukudlala umsakazo, ukubona ngesimo semoto, ijubane ohamba ngalo nokunye.

Kudingeka ukuthi uzinike isikhathi wazi ukuthi kusetshenziswa kanjani ukuze kube lula uma usushayela ngoba kubuye kube nzima.

Negiya indlela elakhiwe ngayo lenzelwe ukuthi lingathathi isikhala ngoba lingaphansi kwe-screen liyinkinojana encane eseduze kwalapho uyidumisa khona.

Ukubekwa lapho kuvula isikhadlana phakathi kwezihlalo zangaphambili ngoba akuyona imoto enkulu. Njengoba incane nje, nezikhala zokubeka izinto azizinkulu.

IMini Cooper inebhuthi engu-210l ubukhulu

Image: Fanelesibonge Bengu

Nokuhlala ngemuva akuyona into ongakhululeka kuyo uma ungumuntu omude. Kwenza iMini kube yimoto yalabo abaziphilela ngabodwana noma abangenayo imindeni emikhulu.

Ngingaze ngikhohlwe, uma ungelona inono sengathi ungathola izihlalo ezimnyama hhayi ezikhanyayo ezi-beige njengakule ebesihamba ngayo.

Isikhala ebhuthini naso siyimbijana njengoba singu-210 litres kodwa uyakwazi ukulalisa izihlalo uma unempahla eningana.

Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.5 litre turbo kaphethroli eyi-three-cylinder.

Inamandla angu-115kW ne-torque engu-230 Nm. Ungabona sengathi amandla mancane kodwa angangayo ngoba emgwaqweni iyashesha njengoba incane nje.

Nesiteringi sithambile kulula noma usuyipaka akuwona umsebenzi.

IMini Cooper entsha eyi-three-door

Image: Fanelesibonbe Bengu

Nasemgwaqweni ayizweli nakakhulu kwazise inamasondo anerabha enkudlwana njengoba amarimu engu-17 inch.

Kunama-drive modes ahlukene kodwa lapha abizwa ngo-Experience okubalwa kuwo uCore, Green, Personal, Go-Cart namanye ashintsha nendlela ebukeka ngayo ngaphakathi.

Kuphethroli bathi idla amalitha angu-6 ngo-100km kimi ibidla 6.1l/100km okuyinto enhle.

Ngihambe amakhilomitha angu-544 yaveza ukuthi isengahamba amanye angu-223.

Inezinsiza zomshayeli ezifana neCruise Control ezenza umsebenzi ube lula uma uhamba ibanga elide ngoba uyisetha ijubane bese ulawula isiteringi kuphela.

Intengo:

R602 051

Ifika ne-maintenance plan ka-100 00km noma iminyaka emihlanu.