Umbala obomvu ungezinye zezinto ezintsha ezifika neVW Tiguan entsha
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: VOLKSWAGEN TIGUAN
KwaVolkswagen basonge unyaka odlule bedayise izimoto ezilinganiselwa ku-4.6 million emhlabeni jikelele.
Kuleso sibalo amaSport Utility Vehicle abeyintandokazi njengoba u-47% wazo zonke izimoto ezidayisiwe kube yiwo.
Okuyiyona ezihola phambili yiTiguan engagcini ngokuba yiSUV edayisa kakhulu kodwa ithengwa okuzedlula zonke ezikhona kule nkampani.
INingizimu Afrika ifake isandla kuleso sibalo ngoba kuthe ngasekupheleni konyaka yatheleka entsha.
Ifika nje, endala ibineminyaka cishe emithathu ithuthukisiwe futhi ibukeka kahle.
Bengijahe kabi ukuyibonela eduze entsha futhi ngingasho ukuthi bakwazile kwaVW ukuthi bakhele phezu kwendala ngendlela ebukeka ngayo.
Esihamba ngayo yi-1.4 TSI R-Line efakwe umbala omusha obizwa ngoPersimmon Red Metallic.
Ngaphambili inamalambu angamaLED ‘axhumene’ njengoba ne-grille ikhanya phezulu.
Ngezansi kubhampa inomugqa ocwebezelayo omesha ubucwebe obuzungeze amawindi, ama-roof rails namarimu angu-20 inch emasondweni enyathela ngawo.
IGIYA alisekho phakathi kwesihlalo somshayeli nomgibeli kunalokho selifakwe emuva kwesiteringi ngakwesokudla
Image: Fanelesibonge Bengu
Okwenziwe ngaphambili nangemuva kuyafana njengoba amalambu engamaLED futhi ehlangene bese iphicwa ngobucwebe kubhamba ngezansi.
Ukuhluka kwayo kunendala kukhona nangaphakathi. Izimbangi, ikakhulukazi ezaseChina zifika ne-screen se-infotainment esikhulu. NakwaVW bafake esikhulu esingu-12.9-inch okuthi uma uthanda ukhethe esingu-15-inch.
Ngiyakuthanda ukuthi sibheke ngakumshayeli okuyinto obekumele bayenze vele ngoba cishe yonke into uyenza khona. Amazinga okushisa uwahlela khona, ukubandisa nokufudumeza izihlalo nakho kukhona, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo, ubona ingaphandle ngamakhamera nokunye.
Engikuthanda ngaso yindlela esigqame ngayo.
Sigqame njengeDigital Cockpit okuyi-intrument cluster okwazi ukuyishintsha ukuthi ufuna ikuvezeleni.
Yize ilingana nendala kodwa ukususwa kwegiya liyonamekwa eceleni kwesiteringi ngakwesokudla wena owabona i-ID.4 yakwabo kubukeka kuvule isikhala sokubeka izinto ezifana neselula phakathi kwezihlalo zangaphambili.
Akhona namanye amakhosomba okubeka iziphuzo nokunye. Isikhala ebhuthini naso bakwazile ukusinyusa ngo-37 litres saba ngu-652 litres okuyinto enhle.
Abagibeli abayisihlanu bahlala ngokunethezeka ezihlalweni eziyisikhumba. Ngiyakuthanda ukuthi ngemuva kunezimbobo zokukhipha umoya oshisayo nobandayo kodwa bakhohlwe yizimbobo zokushaja.
Kwebesihamba ngayo bengeze ne-sunroof engenisa kamnandi ukukhanya ngaphakathi.
KwaVW basanda kwengeza izinjini ezimbili ezintsha kwiTiguan okungekadizili nengu-2.0 litre kaphethroli.
Ekule esihamba ngayo ingu-1.4 litre turbo kaphethroli enamandla angu-110kW ne-torque engu-250Nm. U-gearbox uyi-7 speed DSG.
Ihamba kamnandi emgwaqweni yize bengibuye ngibe nokuwasabela amasondo njengoba enerabha encane. Intofontofo futhi ithule kahle ngaphakathi nokungenye.
IKHANGISA ngamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva iVW Tiguan entsha
Image: Fanelesibonge Bengu
Uma uhamba ngayo usuke ukhululekile ngenxa yokuphepha nezinsiza zomshayeli ezifakiwe.
Kukhona ukuthi ikuxwayise uma izoshayisa iphinde ibhreke, iyasho uma uphuma emzileni futhi ine-Adaptive cruise control ukukha phezulu.
Njengoba sekukhona ekadizili, mina ngingabheka ngakuyo ngenxa ye-torque ethe xaxa, ukudonsa kwayo ngawo wonke amasondo futhi ngikholwa wukuthi idla kangcono.
Lena ibidla amalitha angu-9.4 ngo-100km ngichitha isikhathi esiningi edolobheni. KwaVW bathi idla 7.6l/100km ethangini elingu-55 litres.
Izinga leTiguan entsha lifakazelwa wukuthola kwayo indondo yeFamily Car of the Year emncintiswaneni we-2025 SA Car of the Year.
Intengo:
Volkswagen Tiguan 1.4 TSI R-Line - R766 300
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km
Related Topics: