Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuqiniswa umkhankaso wezokuphepha kwabahamba ngezinyawo

Fanelesibonge Bengu|Published

UMKHANKASO wezokuphepha emgwaqweni ugxile kwabahamba ngezinyawo namabhayisikili

Image: Sithunyelwe

INDABA eseqhulwini kwezokuphepha emgwaqweni wukuvikeleka kwabahamba ngezinyawo nangamabhayisikili.

Muva nje uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uBarbara Creecy uzwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwezibalo zabahamba ngezinyawo abafela emgwaqweni. Ubekhuluma ekhipha isibalo sezingozi zangePhasika.

Isonto eledlule belaziwa nge-8th UN Global Road Safety Week lapho bekugxilwe ekutheni kubanjiswane ekuvikeleni abahamba ngezinyawo namabhayisikili.

Emhlabeni jikelele ngokweWorld Health Organisation, ukulimala emgwaqweni iyona mbangela enkulu eholela ekufeni kwabantu. Kuthiwa bangu-1.2 million abantu abafayo kuthi abangu-50 million balimale minyaka yonke.

Emhlabeni jikelele oyedwa kwabane abafayo kusuke kungohamba ngezinyawo noma ngebhayisikili.

Isikhulu seMasterDrive u-Eugene Herbert sithe kule minyaka edlule kugqugquzelwa abantu ukuthi bahambe ngezinyawo nangamabhayisikili kunezimoto ngoba akuyingcolisi imvelo futhi akubizi.

“Kumele kuphinde kwenziwe izimo yokuthi abahamba ngezinyawo namabhayisikili bangabi sengcupheni yokulimala noma ukufa,” kusho uHerbert.

Uthe noma ngabe wuhulumeni noma yizinhlangano ezenza ukuthi laba baphephe emgwaqweni kodwa abashayeli yibo okumele baqaphele bonke abasebenzisa umgwaqo kungakhathalekile ukuthi basemotweni noma cha.

Uthe nakhu okumele bakwenze:

  • Hllanganisa amehlo nohamba ngezinyawo uma kwenzeka. Ungalokothi uqagele ukuthi uyakwazi ukuthi ukhona nokuthi uzoya ngakuphi.
  • Qaphela kakhulu ezindaweni lapho begcwele khona abahamba ngezinyawo njengasedolobheni.
  • Bheka eceleni ezindaweni ezingabonakali ngesibuko
  • Khumbula ukuhti abahamba ngezinyawo njalo banelungelo lokuwela. Ngisho noma ngabe ohamba ngezinyawo wenza okungafanele, kungumsebenzi womshayeli ukuthi agweme ukumshayisa.
  • Ebusuku amehlo mawahlale ethe njo naseceleni komgwaqo ugade abantu.
  • Uma kunohamba eceleni komgwaqo ebukeka sengathi uphuzile, vula igebe phakathi kwakho naye bese uyazilungiselela uma ephonseka ngalapho uhamba khona.
  • Gwema ukushayela kunokuphazamisayo. Kuyingozi kakhulu uma kunabahamba ngezinyawo.
  • Yehlisa isivinini ngasesikoleni noma ezindaweni lapho okungase kube nezingane khona.
  • Hlale ukhanyise amalambu ukuze abahamba ngezinyawo bakubone kahle.