Impilo Yabantu Ezezimoto

Kufunwa abanikazi bamaFord Ranger ngenxa yenkinga ekuwo

Fanelesibonge Bengu|Published

I-FORD Ranger Platinum eqale ukudayisa ngonyaka odlule

Image: Sithunyelwe

KUMELE bathinte amagaraji aseduze nabo abanikazi bamaFord Ranger adayiswe ngonyaka odlule ukuze kuyolungiswa inkinga anayo.

INational Consumer Commission (NCC) iveze ukuthi itshelwe yiFord Motor Company of Southern Africa ukuthi lokhu kungenxa ye-front lower control arm efakwe ngakwesokunxele emotweni esikhundleni sefanele.

“Ukuhlukana kwe-joint kungaholela ekutheni isondo elithintekayo lingalawuleki nomthelela ofanayo emotweni unyuke. Lokhu kungafaka engcupheni yengozi noma ukulimala,” kusho iNCC.

I-front lower control arm iyingxenye ye-suspension yemoto ehlanganisa ishesi nalapho kungena khona isondo.

IRanger yakhiwa efemini yakwaFord eseSilverton, ePitoli, bese idayiswa kuleli nakwamanye amazwe.

Ethintekayo kuthiwa idayiswe naseNamibia, Botswana naseSwatini.