Umshayeli eshayela ebhema futhi ekhuluma neselula
Image: Sigciniwe
KUNIKEZA ithemba lokuthi ushintsho luseduze ukuvela kwezindaba zokuthi siyehla isibalo sababanjwa besebenzisa amaselula beshayela eKapa, ngokusho kwesishoshovu esigqugquzela ukuphepha emgwaqeni.
Inyanga eyedlule yaziwa njengeyokuqwashisa ngokukhuza ukushayela kube kukhona okuphazamisayo.
Idolobha iKapa liveze ukuthi phakathi kukaJulayi 2022 no-June 2024 isibalo samaselula ashaqiwe sehle ngo-16%. Isibalo samacala athinta amaselula sona sehle ngo-11.5%.
Kuleli dolobha umshayeli obanjwa ephethe iselula unikezwa ithikithi okanye kushaqwe iselula bese eyithola ngokukhokha inhlawulo.
Idolobha lithe ubuchwepheshe obukhona ezimotweni obuvumela abashayeli ukuthi bakhulume namaselula ngale kokuwaphatha ngesandla kanjalo nokuhlonipha umthetho yizinto ezenze izibalo zehla.
Isikhulu seMasterDrive u-Eugene Herbert, sithe ukwehla kwezibalo kunikeza ithemba ngokuthi ushintsho luseduze.
“Bekunganika ithemba kakhulu ukuba lokhu kwehla kubonakala ezweni lonke. Le mininingwane ayikho kodwa nokwenza kube nzima ukuqonda kahle ukuthi izwe jikelele limi kuphi. Uma kodwa ngingaya emininingwaneni ekhishwe enye yezinkampani zomshwalense, kuvela ukuthi u-60% wabashayeli usasebenzisa amaselula ube ushayela,” kusho uHerbert.
Uthe ziningi izinguquko zomthetho ezizoqala ngoJulayi nezingase zisize ukuletha ushintsho oludingekayo ukunciphisa ukushayela uphazamisekile ezweni jikelele.
“Umthetho obuyekeziwe uzonyusa isijeziso semali kwababanjwa besebenzisa amaselula beshayela. Uzohlanganisa nesijeziso kubashayeli abasebenzisa amaselula bemile emarobhothini. Uma abashayeli bebanjwa kuphindelela bazothathelwa ezinye izinyathelo. Zingahlanganisa ukuthi bahambe izifundo zokuziphatha kwabashayeli. Yiyona ndlela ekahle lena ukushintsha ukuziphatha kwabashayeli kunokumnika inhlawulo bese uthemba ukuthi ukukhokha kuzomenza angaphinde akwenze.”
Related Topics: