IBMW 1 Series entsha ishaya ngemibala edida unwabu
Image: Sithunyelwe
IMOTO: BMW 1 SERIES NE-2 SERIES GRAN COUPÉ
SEKUYIMINYAKA engu-20 kwaBWM baqala ukwakha i-1 Series ngenhloso yokudoba amakhasimende ezimotweni zayo.
I-1 Series inendima ebalulekile ngoba iyona moto ‘eshibhile’ kwaBMW eyisingeniso emndenini.
Njengamanje le nkampani isiyethule entsha okuyinhlobo yesine. Uma ngingakukhumbuza eyokuqala yenziwa ngo-2004, eyesibili ngo-2011 kwathi eyesithathu yatheleka ngo-2019 njengoba sekukhona entsha. Kuyo yonke le minyaka kudayiswe angaphezu kuka-3 million.
Entsha ifike kanye kanye newele layo i-2 Series Gran Coupe
Kulethwe kuphela ezihamba ngophethroli ezihlukene ngezinjini ezimbili ezifanayo kuzo zombili. Okunye okufanayo wu-gearbox oyi 7-speed Steptronic transmission with dual clutch
Eyokukuqala ingu-1.5 litre, three-cylinder enamandla angu- 115kW ne-torque engu-230Nm. Uyithola kwi-118 ne-218 Gran Coupé.
IBMW M135 xDrive neM235 xDrive Azinezinqawe ezine ngemuva ukukhombisa ukuthi zingamaM Performance
Image: Sithunyelwe
Eyesibili ikwiM135 xDrive neM235 xDrive. Ingu-2.0 litre four-cylinder enamandla angu-233kW ne-torque engu-400Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuthatha imizuzwana engu-4.9 kanti ijubane elikhulu ngu-250Nm.
Kwendala amandla ayengu-225kW futhi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.8.
Ngichazwe yindlela ezihamba ngayo zombili emgwaqeni ngoba intofontofo, aziqinile ngendlela obungacabanga ngayo.
I-118 ungabona ngathi mancane amandla uma uwafunda phansi kodwa abezwakala anele kahle namagiya eshintsha kahle.
I-M235 xDrive iyabambelela kwazise idonsa ngawo wonke amasondo futhi nesivinini sinyuka mawala ingakuqhatha namaphoyisa uma unganakile.
Okuhle kodwa wubuchwepheshe enabo njengokuthi ikutshele isivinini okumee uhambe ngaso kuleyo ndawo, iyasho uma uphuma emzileni, Active Cruise Control nokunye.
Ngaphandle zombili sezinkudlwana kunezingena esikhaleni sazo.
Zonke zinamalambu angamaLED okuthi uma uthanda ufake angama-Adaptive LED headlights.
Ukukhanya kwe-grille akuyona into esezimotweni ezingaphezu kwayo kuphela kodwa nakhona uma uthanda uyakufaka.
Imibala ekuzo idida unwabo ungakhetha nenombala onokhakhayi olumnyama.
Okunye okwengeza ubuhle ngamarimu angu-18-inch kuthi iM135 xDrive ne-M235 xDrive zibe nangu-19 inch.
I-M135 xDrive neeM235 xDrive ziphinde zehluke nangezinqawe ezine ngemuva ezikukhombisayo ukuthi ngeyejubane. Zigcina ngokukhombisa ngoba azinawo umsindo otheni kodwa ngaphakathi ungathi bawenze waaphuma ezipikheni zeHarman Kardon.
Ingaphathi leBMW 1 Series entsha
Image: Sithunyelwe
KwaBMW baphinde benza nebizwa ngePure Design engena phakathi nendawo. Uthatha i-1 Series noma i-2 Series engenakho okutheni bese ukwazi ukwengeza amarimu angu-18-inch ahlukile, ukhakhayi okumnyama, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, ama-adaptive LED headlights.
Ngaphakathi i-1 Series ne-2 Series bazenze kabusha futhi akusekho sikhumba. Zifana nezinye zakwabo njenge-X1 ngokungabi noxhaxha lwamabhathini ngaphambili kodwa kube nokumbalwa okuyenza ibukeke kahle.
Njengoba singekho isikhumba sangempela, kukhona esokuzakhela esivikela imvelo esibizwa ngeVeganza esihlanganiswe ne-Alcantara ezihlalweni.
Zine-wheelbase elinganayo engu-2 670mm. Zombili zilayisha abagibeli abahlanu okubalwa nomshayeli kanti isikhala ebhuthini singu-380 litres kuthi kwi-2 Series Gran Coupe sibe ngu-430 litres.
Njengoba ingenalo uxhaxha kwamabhathini, cishe yonke into uyenza kwiBMW Curved Display ehlanganisa i-Information Display engu-10.25-inch neControl Display engu-10.7 inch.
KwiControl Display, okanye i-infotainment ngokolimi olujwayelekile, yilapho uhlela khona namazinga okushisa, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
Yize kuyimoto encane kwaBMW kodwa abayincishanga ngobuchwepheshe ngoba buyinqaba. Kubalwa ukuthi isho uma uphuma emzileni, iyazihlehlela ngendlela engene ngayo, uyakwazi ukuyipaka usebenzisa iMyBMW App nokunye.
Intengo:
BMW 118 – R713, 395.00
BMW 118 Pure Design – R761, 895.00
BMW M135 xDrive – R982,767.80
BMW 218 – R733, 559.20
BMW 218 Pure Design – R787,059.20
BMW M235 xDrive – R1,043,099.90
Uyakwazi nokuzithenga ngeBMW Finance ekuvumela ukhethe ibanga ozolihamba, inyanga ozoyigcina zona bese kuthi uma kuphela leso sikhathi uyibuyisele emuva uma uthanda noma ukhethe ukuyigcina ukhokhe isamba esisele.
Zifika neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 00km.
Related Topics: