Impilo Yabantu Ezezimoto

Umshubo wemoto iHyundai Alcazar

Zwelakhe Ngcobo|Updated

I-ALCAZAR okuyiSUV entsha yakwaHyundai

Image: Quickpic

IMOTO: HYUNDAI ALCAZAR

UKUPHOKOPHELA kwemboni yezimoto emazweni ase-Asia ekukhiqizeni izimoto eziseqophelweni eliphezulu kubukeka kusazozidlisela ogageni izikhondlakhondla zezinkampani zase-Europe ebezinganconsi phansi ebantwini baseNingizimu Afrika.

Lokhu kuhlaluke eMhlanga, eThekwini, ngoMsombuluko, ngesikhathi osezoba yisikhulu esiphezulu kwaHyundai South Africa, uStanley Anderson, ethula ubutsetse bemoto iHyundai Alcazar egabe ngobukhulu nangobuchwepheshe obusezingeni lesimanje.

U-Anderson, ongumqondisi wokudayisa nokusebenza kwaHyundai South Africa, enokomkhulu eSouth Korea, kuzothi ngoJulayi 1, athathe izintambo njengesikhulu esiphezulu sale nkampani kuleli kuGideon Janse van Rensburg naye osenyukelwa yizimendlela.

Hyundai Alcazar

Image: quick pic

U-Anderson ubebonakala ebusweni ukuthi uyaziqhenya futhi akezwa mshini ukuthi i-Alcazar kadizili nekaphethroli izothengwa ubuthaphutha ngenxa yentengo yayo engambi eqolo.

I-Alcazar evala isikhala seGrand Creta, ingena phakathi kweCreta neTucson futhi ilayisha abagibeli abayisikhombisa ukubala nomshayeli.

U-Anderson ukugcizelele ukuthi abazoyithenga ngeke babenenkinga yokuthola amaphathi ayo uma kwenzeke bengena engozini.

“Sikleliswe endaweni yesibili ezinkampanini ezihamba phambili ngokukhiqiza amaphathi eNingizimu Afrika,” kusho u-Anderson ozishaya isifuba ngokuba namagatsha kulo lonke laseNingizimu.

Ugcizelele wathi imindeni ngeke izisole ukuthenga le moto ngenxa yokuthi ivuleke kahle futhi iwushiyile umhlaba okwenza uhambe ngayo ukhululekile.

Nakuba lolu nyanyavu lwemoto olukhishwe nonyaka lingenayo ibhuthi endlalekile kodwa ukukwazi ukulashiya abantu abayisikhombisa kubukeka kuzobahlomulisa abazimisele ukukhulisa ibhizinisi lokusebenza ukuhambisa izitatanyiswa ezikhumulweni zezindiza, eziqiwini kanjalo nabanemindeni emikhulu.

Alukho ungabazane lokuthi kuzokwenza amakhasimende ahlale ekulangazelela ukutetemuka ngayo kwazise isakhiwo sayo sidlisa ngamalambu esimanje angamaLED akhanya kuthi bha uma unqamula ngayo ebusuku. 

Ngaphandle kwalokho, kuthiwa ikwazi ukudabula kunoma yisiphi isimo esezulu, ikakhulukazi uma kunenkungu ekhasa phansi njengeyaseHilton ngaseHowick. 

Uma uqhamuke unganakanga ngaphambili, ungacabanga ukuthi ubona iRange Rover.

Lolu nyanyavu lwemoto olushaya ngezinqawe ezimbili ezenza isithele emgwaqweni, ingayibheki nemiqansa njengoba inezinjini ezihlukene kabili ezino-gearbox ozishintshayo oyi-6 speed.

Kuneyi-2.0 litre kaphethroli enamandla angu-117kW ne-torque engu-191Nm.

Eyesibili ingu-1.5 litre kadizili enamandla angu-85kW ne-torque engu-250Nm

Igabe ngobuchwepheshe bokuphepha besimanje nokulindeleke kube yivelakancane ukuthi abahamba ngayo bangene engozini. 

Izibuko ziyazamula uma kunemoto eseduzane engakufaka engozini. Akugcini lapho, iyakukhalima uma usuphuma emzileni futhi iyasho uma umoya osemasondweni wehlile.

Uma uyifake ku-Adaptive Cruise Control, okwakho ukunaka isiteringi ngoba iyashushuluza, awudingi ukuthi ubambe ibhreki, iyazenzela uma kunesidingo. 

Ingaphakathi liyaheha ngenxa yezihlalo zesikhumba ezitofotofo, inkombandlela ekuthatha ukubeke lapho uyakhona ungahambe ubuza kubantu.

Ukuze uhlale uxhumene nomndeni, abasemsebenzini noma abangani uyakwazi ukuthi usebenzise i-Android Auto noma i-Apple CarPlay. Inendawo yokufaka i-USB ne-charger.

Izihlalo zangemuva uyazilalisa uma unomthwalo omningi.

Okunye edlisa ngakho wukuthi ukhakhayi lwayo luyavuleka kungene konke ukukhanya ubone nesibhakabhaka. Awudingi sikhiye uma uyidumisa.

IHyundai yethula le moto nje, isanda kwenza umfelandawonye neSA Rugby ekutheni kube iyo etetemukisa amaBhokobhoko amancane.

Intengo:

  • Hyundai ALCAZAR 2.0 MPI Executive AT: R499,900
  • Hyundai ALCAZAR 1.5 CRDI Executive AT: R599,900
  • Hyundai ALCAZAR 1.5 CRDI Elite AT: R669,900

Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km.