IVOLKSWAGEN South Africa ithi amaPolo Sedan aqale ukudayisa kusuka ngo-Ephreli nonyaka kungenzeka ukuthi anenkinga ethinta amabhande asezihlalweni zangemuvaa
Image: Quickpic
ABASHAYELI bezinye zezimoto zakwaJeep, Chrysler, Citroen, Mercedes-Benz, Audi, Volkswagen nakwaVolvo kuzomele bazibheke ukuthi azikho yini sohlwini lwezinezinkinga ezahlukene ezidinga ukulungiswa.
INational Consumer Commission (NCC) ikhiphe imininingwane ngezimoto okumele zibuyiselwe emuva ziyolingiswa izinkinga ezahlune.
Izimoto ezithintekayo yiJeep Wrangler, Chrysler 300c, Citroen C4, DS4 neDS5, Mercedes-Benz CLA (118), S-Class (model series 223), Audi, VW Polo Sedan neVolvo XC90.
Jeep Wrangler neChrysler 300C
I-NCC ithe iStellantis South Africa, eyengamele iJeep neChrysler, iyitshele ukuthi ifuna kubuyiswe lezi zimoto ngenxa yenkinga yama-airbag akwaTakata. Le nkinga ayibhekene nalezi zinkampani kuphela kodwa nezinye eziningi.
Lama airbag kuthiwa angase aqhume kakhulu uma ephuma ngenxa yomoya ogcwele ngokweqille ngaphakathi nokungase kulimaze noma kubulale abagibeli. Izimoto ezithintekayo ngezadayiswa phakathi kuka-2014 no-2016. Amanikazi bazo kumele baye emaraji aseduze ukuthi inkinga ilungiswe noma kushintshwe ama-airbag.
Citroen C4, DS4 neDS5
I-Stellantis South Africa icela kubuyiswe iCitroen C4, DS4 neDS5 ezadayiswa phakathi kuka-2009 no-2016. Zibuyiswa ngenxa yokuthi ama-airbag omshayeli nomgibeli engase eqhume kakhulu uma ephuma. Kuthiwa engase elimaze umshayeli noma abagibeli kokunye kuholele ekufeni.
Mercedes-Benz CLA (118) neS-Class
IMercedes-Benz South Africa ithe ubude bezintambo zamabhreki ngemuva kungenzeka ukuthi abuhambisani nomgmo. Kuthiwa izintambo ngemuva kungenzeka zithinte izinto eziseduze zidleke ngokuhamba kwesikhathi nokungaholela ekutheni i-brake fluid ivuze. Lokhu kuthiwa kungenza imoto ingabhreki ngendlela nokunyusa amathuba engozi ngenxa yokulahleka kwe-brake fluid.
Kw-S-Class (model series 223) khona iMercedes-Benz South Africa ifuna kubyiswe izimoto ngenxa yezintambo zamabhreki ngaphambili. Ithe zingase ziqale ukuvuza ezindaweni ezishisayo nezinomsokama uma sezisebenze isikhathie side. Lokhu kunegnxa i-brake fluid ivuze bese amabhreki angabambi ngendlela. Izimoto ezithintekayo ngezakhiwe phakathi kuka-2020 no-2023.
Audi E-Tron GT
I-Audi South Africa ithi ifuna kubuyiswe lezi zimoto ezihamba ngogesi ngenxa yamabhethri. Amabethri angase ashise ngokweqile nokungadala umlilo ongabulala abaphakathi nangaphandle kanjalo nokulimala kwempahla.
Le moto engandile kangako kuthiwa zingu-46 ezithintekayo ezweni. Abanikazi bazo kumele bazihambise emagaraji akwa-Audi ukuze ziyohlolwa uma kunesidingo kushintshwe okunenkinga. Ezithintekayo ngazakhiwa kusuka ngo-Okthoba 27, 2021.
VW Polo Sedan
IVolkswagen South Africa ithe ikhanda lamabhande ezihlalo zangemuva lakhiwe langaqina ngendlela. Uma imoto ibhreka mawala noba iba sengozini, angase engabambi ngendlela ngenhloso yokuvikela nokungaholela ekulimaleni. Zingu-905 izzimoto ezithintekayo eziqale ukudayisa kuka ngo-Ephreli 2 nonyaka. Abanikazi banxuswa ukuba bathinte amagaraji akwaVolkswagen ukuze izimoto zabo zizohlolwa futhi uma kunesidingo kushintshwe okuthintekayo.
Volvo XC90
IVolvo Car South Africa icela abanikazi bamaXC90 aphakathi kuka-2020 no-2022 ukuba bavele ngenxa yenkinga yamabhethri. Amabhethri kuthiwa angase ashise ngokweqile uma eshajwe agcwala ngoba ukushisa kwawo ngokweqile kungadala umlilo. Abanikazi kumele bathinte amagaraji aseduze nawo.
Related Topics: