Kwenziwe izinguquko kwi-Isuzu MU-X kwethulwa nentsha i-Onyx XT
Image: Sithunyelwe
IMOTO: ISUZU MU-X
NGAPHAMBI kokuzimela, Isuzu, yayingaphansi kweGeneral Motors eNingizimu Afrika eyavala ukusebenza ngo-2017.
Kuthe uma ihamba i-Isuzu Motors South Africa yazibambela khona umsebenzi. Ngenxa yokubona ukuthi idayisa amaveni namaloli kuphela, yathatha isinqumo sokubuyisa amaSUV ukuze izoheha namanye amakhasimende okungenzeka ukuba asethathwe yiToyota Fortuner, Mitsubishi Pajero Sport nezinye.
Kwathi ngo-2018 kwethulwa imu-X yokuqala eyabe isuselwe kumzala wayo iChevrolet Trailblazer. Nokho Isuzu yayingeyintsha kumaSUV njengoba yake yakha iTrooper neFrontier.
Ifika nemibala emisha i-Isuzu MU-X ethuthukisiwe
Image: Sithunyelwe
Ngo-2021 kulandele imu-X entsha yesibili.
Sekudayiswe angaphezu kuka-4 000 kusuka yaqala ukwethulwa futhi yinto ababheke ukuthi inyuke njengoba sekulethwe ethuthukisiwe esuselwe kuyo eka-2021.
Imu-X ayakhiwa kuleli njengeveni iD-Max yakwabo kodwa ilandwa eThailand.
Izinguquko ezenziwe kuyo ziyenza ibe yinhle.
Ingaphambili lonke lenziwe kabusha njengoba ishaya nge-grille ehehayo. Amalambu wonke okuhlanganisa ama-headlamps, ama-daytime running lights nama-fog lamps angamaLED.
Amarimu ezinhlangothini aqala ku-18-inch aze ayoshaya ku-20 inch, kuya ngenhlobo yakho.
Ngemuva lakhona balenze kabusha nokuyenza ibukeke kahle lonke ingaphandle. Okunye abakwenzezile yimibala emisha okungu- Eiger Grey Metallic noBiarritz Blue.
Izinguquko azigcini ngaphandle kodwa nangaphakathi zenziwe kusuka kwi-dashboard, yibala esetshenziswe ezicabheni kuya sezihlalweni zesikhumba.
Amehlo kodwa athathwe yi-touchscreen infotainment system engu-9-inch esishintshiwe.
Kunciphe amabhathini kuyo kodwa kwafakwa inkinombo yokunyusa nokunciphisa umsindo neyenza impilo ibe lula.
I-screen se-infotainment ngezinye zezinto ezishintshile kwi-Isuzu MU-X
Image: Sithunyelwe
Usuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo. Uma uphethe iLSE ne-Onyx XT, kwi-screen uzobona lonke ingaphandle njengoba inamakhamara emzimbeni azifani neLS yona ekhombisa ingemuva kuphela ukuze ungayikwebhi leSUV yakho elayisha abagibeli abayisikhombisa.
Izimbobo zokushaja ezimbili ngaphambili nangemuva zishintshiwe sezingu-Type C. Kushona eyokushaja ngaphandle kwentambo.
Okunye okusha yi-instrument cluster engu-7-inch eveza okuningi.
Izinjni abazishintshanga kusekhona eyodumo engu-3.0 litre turbo kadizili eno-gearbox ozishintshayo oyi-6 speed. Inamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. Uyithola kwi-4x2 okanye i-4x4.
Kwabafuna ukonga isekhona engu-1.9 litre kadizili enamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm oyithola kuphela kwi-4x2.
Yethulwa ngihambe nge-Onyx XT entsha ebenginovalo ukuthi njengoba inamarimu amakhulu nje, mhlawumbe ngeke ibe ntofontofo.
Nokho ingimangazile ngoba ibihamba kahle futhi ithule ngaphakathi. Ukubuyekeza kwabo i-suspension kwafakwa nama-shock absorber athe xaxa kuwenzile umehluko futhi ngingaze ngiyisondeze kwiFord Everest ngokuba ntofontofo yize kwaFord bethi sebencintisana nezimoto ezingaphezu kwayo.
Sithe singena obhuqwini siqwala intaba ngesaba ngenxa yobuhle bayo kodwa nakhona ibizwakala ihamba kahle futhi okuningi ikwenza kalula. Sigcine singayisebenzisana ne-diff lock kanjalo ne-4x4 low-range lapho ebesikhona.
Intengo:
1.9 Ddi MU-X LS 4x2 A/T R 752, 300.00
3.0 Ddi MU-X LS 4x2 A/T R 852, 600.00
3.0 Ddi MU-X LS 4x4 A/T R 939, 500.00
3.0 Ddi MU-X LSE 4x2 A/T R 886, 700.00
3.0 Ddi MU-X LSE 4x4 A/T R 973, 700.00
3.0 Ddi MU-X ONYX XT 4x4 A/T R1, 026, 800.00
Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000kmm, warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-roadside assistance kanjalo ne anti-corrosion warranty yeminyaak emihlanu engakalelwe banga.
Related Topics: