Impilo Yabantu Ezezimoto

NG Iya ngokwehla intengo yezimoto ezithathwa ngesikweletu ngokocwaningo

Fanelesibonge Bengu|Published

ISUZUKI SWIFT izihole phambili ngokudayisa esigabeni sama-passenger car ngo-Ephreli

Image: Sithunyelwe

ABANTU bayaqhubeka nokuthenga izimoto ezincane abazokwazi ukumelana nezindleko zazo, ngokocwaningo lwebhange iWesBank.

Izibalo ezikhishwe yi-naamsa zokuthengwa kwezimoto ezintsha ngo-Ephreli ziveza ukuthi kuyanyuka ukuthengwa kwezimoto ezintsha.

Kudayiswe izimoto ezingu-42 401 okuyisibalo esingu-4 502 noma u-11.9% uma kuqhathaniswa no-37 899 owadayiswa ngo-Ephreli 2024.

Isibalo sezidayiswe ngaphandle kwakuleli sehle ngo-2 266 okuwu-6.6% zaba ngu-31 822 uma kuqhathaniswa nenyanga efanayo ngonyaka odlule.

ULebo Gaoaketse okhulumela iWesBank uthe lokhu kunyuka kumele kubhekwe ngokwezinsuku zokudayisa.

“U-Ephreli uphazanyiswe amaholidi amathathu kanjalo nezimpelasonto eziluliwe okwenze kwaba nezinsuku ezingu-19 zokudayisa ekubeni ngo-Ephreli 2024 zazingu-21 insuku zokudayisa ngenxa yokuthi amaholidi ayengoMashi nyakenye,” kusho uGaoaketse.

Uthe lokhu kuyakhombisa ukuthi imboni izimisele ngokubuyela ezibalweni zangaphambi kokubheduka kweCovid-19.

“Imakethe ibukeka izilungisa futhi ngokubhalansisa ukukwazi ukumelana nezindleko nokufunwa kwezimoto njengoba amakhasimende esebhekisisa ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthenga. Imininingwane yeWesBank iveza ukuthi inciphe ngo-8.6% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule imali ebolekwayo yokuthenga imoto nokukhombisa ingcindezi yokumelana nezindleko ekuthengeni imoto entsha nomkhuba oqhubekayo wokuthengwa kwezimoto ezincane ezibiza kahle,” kusho uGaoaketse.

IWesBank ithe i-average price yemoto ebithathwa ngesikweletu ngo-Ephreli 2024 ibingu-R398 182 kodwa ngalo Ephreli ibingu-R363 975.

ISuzuki Auto South Africa ingenye yezinkampani izinto eziyihambela kahle njengoba iqhubekile nokubambelela endaweni yesibili ngokudayisa kakhulu ngemuva kweToyota.

Idayise izimoto ezingu-5 977 okuyisibalo esinyuke ngo-693 uma kuqhathaniswa noMashi.

Isizwe yiSwift elokhu iqhubeka nokuthandwa okudayiswe angu-2 053 nokuyenze yaba yimoto encane edayise kakhulu.

Eyesibili ethandwayo kule nkampani yiFronx okuthengwe angu-1 186, Ertiga okudayise angu-778 namaBaleno angu-420.

IToyota South Africa Motors engenantanga esicongweni idayise izimoto ezingu-10 363. Idayise amaHilux angu- 2 780, Corolla Cross angu-1 582, Starlet angu-905, Startlet Cross angu-834 ukukha phezulu.

Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:

  1. Toyota - 10,363
  2. Suzuki Auto - 5,977
  3. Volkswagen - 3,973
  4. Hyundai - 3,007
  5. Ford - 2,398
  6. GWM SA - 1,943
  7. Chery Auto - 1,852
  8. Isuzu - 1,383
  9. Renault - 1,281
  10. Mahindra - 1,278

Izimoto ezidayise kakhulu yilezi:

 

  1. Toyota Hilux - 2,780
  2. Suzuki Swift - 2,053
  3. Ford Ranger - 1,728
  4. Toyota Corolla Cross - 1,584
  5. Hyundai Grand i10 - 1,425
  6. Volkswagen Polo Vivo - 1,366
  7. Suzuki Fronx - 1,186
  8. Chery Tiggo 4 Pro - 1,133
  9. Isuzu D-Max - 1,108
  10. Haval Jolion - 973