KUBHEKWE ukuthi kwehle intengo kaphethroli nodizili ngoLwesithathu njengoba intengo kawoyela ongahluziwe iphansi
Image: Ayanda Ndamane
ABASHAYELI kumele balindele ukuthi iphinde yehle intengo kadizili nophethroli ngoLwesithathu kodwa ukuntengantenga kweRandi kunciphise indlela abebezokonga ngayo.
Imininingwane yakamuva yeCentral Energy Fund iveza ukuthi intengo kaphethroli izokwehla ngo-20 cents ilitha kuthi zombili izinhlobo zikadizili zehle ngemali elinganiselwa ku-38 cents ilitha.
Lokhu kuzokwenza intengo kaphethroli u-95 Unleaded ibe ngu-R20.63 ezindaweni ezigudle ulwandle noR21.42 maphakathi nezwe. U-93 Unleaded wona uzoba wuR21.31.
Ngo-Ephreli intengo yehlile futhi njengoba eye-95 Unleaded yehle ngo-72 cents ilitha kwathi eye-92 Unleaded yehla ngo-58 cents ilitha. Intengo yelitha kadizili yehle ngo-84 cents (500ppm) no-86 cents (50ppm).
Okuyikhona okuzokwenza intengo yehle njengoba kuqagelwa ngephansi kawoyella njengoba umphongolo wongahluziwe wehle usuka ku-$74 ekuqaleni kuka-Ephreli waba ngu-$64. Muva nje inyanga wonke ibilokhu idlalela ku-$65.
Yize lokhu kukodwa kungenza abantu bonge, kodwa ukuntenga kweRandi kunciphise indlela abantu abebezokonga ngayo ngemali elinganiselwa ku-30 cents.
Yize imali yakuleli ibuyelwe amandla kunasekuqaleni kwenyanga edlule lapho yayingu-$19 ngesikhathi uMengameli wase-United States of America uDonald Trump enyusa intela yemikhiqizo yakuleli, umonakalo usabonakala entengweni kaphethroli.
UMnyango wezokuMbiwa phansi naMandla kulindeleke ukuthi umemezele izibalo eziqondile ekuqaleni kwesonto.
Related Topics: