Impilo Yabantu Ezezimoto

I-BMW izishaya isifuba ngokukhonya yize kushubile kwezikaNokusho

Fanelesibonge Bengu|Published

I-BMW X3 ekhiqizwa ePlant Rosslyn ePitoli

Image: Sithunyelwe

ISIKHULU sakwaBMW South Africa, uPeter van Binsbergen, sithe izibalo zokudayisa kwabo ngekota yokuqala yonyaka ziyabagqugquzela ukuthi baqhubeke nokufaka isandla embonini yezezimoto eNingizimu Afrika ngomuso.

Ukusho lokhu kulandela ukuvela kwezibalo ze-Naamsa ezikhombise ukuthi iBMW iyaqhubeka nokuqengqeleza phambili esigabeni sezimoto zomtakabani i-premium segment njengoba iphethe u-40.6% wemakethe.

IMINI ithole u-6.2% wemakethe kuthi izithuthuthu iBMW Motorrad yona yabamba u-43.0% wemakethe.

Muva nje, iBMW Group yethule iMINI Aceman neMINI John Cooper Works kuleli.

Okuyiyona moto ebalulwe njengeseqhulwini lempumelelo yiBMW X3 eyethulwe ngo-Okthoba nyakenye. Ikhiqizwa efemini yale nkampani iPlant Rosslyn ePitoli, bese idayiswa kululeli nakwamanye amazwe.

Ukuthakaselwa kwayo kwenze kwabuyiselwa i-shift yesithathu yokukhiqiza. I-shift ngayinye kubhekwe ukuthi ikhiqize izimoto ezilinganiselwa ku-110.

“Siyabonga ngokuthi amakhasimende ethu aseNingizimu Afrika ayaqhubeka nokusethemba nokusithanda kanjalo nozakwethu esibambisene nabo emhlabeni jikelele kwiBMW Group nokwesekwa wukuzibophezela kwabamagaji ethu,” kusho u-van Binsbergen.

Isigaba se-premium segment singaphansi kwenkulu ingcindezi eNingizimu Afrika njengoba ukuthengwa kwezimoto ezikuso kuqhubeka nokwehla. Ezinye zezinkampani ezikuso kubalwa i-Audi neMercedes-Benz.

Ngonyaka odlule, izibalo ezishicelelwe kwi-IOL ziveze ukuthi iBMW idayise izimoto ezingu-12 057, yalandelwa yiMercedes-Benz ngo-9 256, Audi ngo-5 511, Land Rover ngo-2 624, Volvo Car ngo-1 428 nePorsche ngo-1 258.

I-Audi isanda kumemezela ukuthi ukushuba kwesimo kuzoyenza ivale amanye amagaraji ayo. Ebelisenkabeni yeTheku livalwe ngenyanga edlule. Kuvela ukuthi elisePinetown nalo liyagcina ukusebenza kule nyanga.

IVolvo Cars nayo yaveza ukuthi inciphisa isibalo samagaraji ayo.