Impilo Yabantu Ezezimoto

Inamandla ababazekayo iBYD Shark 6

Fanelesibonge Bengu|Published

IBYD Shark 6 yiveni enamandla angaphezu kuka-300kW

Image: Sithunyelwe

KUYAZIWA ukuthi abantu bakuleli bayazifela ngamaveni nokuyingakho kungethusi ukubona izinkampani zifuna ukuqinisa kuwo.

Elethulwe kamuva yiBYD Shark 6 elinamandla cishe okuwedlula wonke akhona emakethe yaseNingizimu Afrika.

Inenjini engu-1.5 litre turbocharged kaphethroli ehlanganiswe nezikagesi ezimbili okukhipha amandla angu-321kW ne-torque engu-650Nm.

Lokhu bathi kuyenza ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.7 futhi idonsa ngawo wonke amasondo.

Ibhethri lingu-29.5 kWh abathi ungakwazi ukuhamba 85km ngogesi wodwa. Uma ibhethri seliphelile bathi idla amalitha kaphethroli angu-9.6 ngo-100km.

IShark 6 bayichaza njengemoto ehlanganisa amandla okuhamba obhuqwini ngale kwenkinga ngezokuphepha nokuba ntofontofo kuhle kweSUV.

BYD Sealion 7

Image: Sithunyelwe

Phakathi kwezinto enazo kubalwa izihlalo zikagesi, touchscreen engu-15.6 inch eguqukayo oxhuma kuyo i-Apple CarPlay/Android Auto, amakhamera aveza wonke umzimba ngaphandle, Adaptive Cruise Control nokunye.

Ukufika kwayo kuqondaniswe neBYD Sealion 6 okuyiSUV yemindeni. Ine-touchscreen infotainment system engu-15.6 inch, Head-up Display, adaptive cruise control, nokunye.

ISealion 6 iyi plug-in hybrid enenjini engu-1.5 litre kaphethroli. Edonsa ngamasondo angaphambili kuphela inamandla angu-160kW ne-torque engu-300Nm.

Ibhethri lingu-18.3 kWh kanti bathi ungahamba 80km ngogesi wodwa. Baveza ukuthi uma ithangi ligcwele ungahamba 1 080 km.

Idonsa ngawo womane amasondo injini ine-turbo. Inamandla angu-238 kW ne-torque engu-550Nm. Ngogesi bathi ungahamba 70km.

Eyokugcina ethuliwe yiSealion 7 okuyiSUV eyiCoupe ehamba ngogesi kuphela.

INGAPHAKATHI leBYD Sealion 7

Image: Sithunyelwe

INGAPHAKATHI leBYD Sealion 7

Image: Sithunyelwe

Inebhethri engu-82.56 kWh abathi uma ligcwele ungahamba 482km. Kwishaja eyiDC charger engu-150kW bathi ukusuka ku-20% iye ku-80% kuyithatha imizuzu engu-30.

Uma uyithenga uthola ne-wall box charger engu-7kW.

Amandla ayo ayenza isuke ku-0 ibambe u-100 km/h ngemizuzwana engu-4.5 kwi-Performance edition kuthi iPremium kuyithathe imuzuzwana engu-6.7. Zombili zigcina ku-215km/h.

Ngaphakathi nayo ine-touchscreen engu-15.6 inch ephendukayo oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, izipikha ezingu-12 zeDynaudio, ibhuthi engu-500 litres nokunye.

I-BYD ithe zontathu zenziwa emagaraji ayo ayisishiyagalombili ezweni. Iveze nokuthi izimisele ngokudlondlobala nokuqinisa indlela enakekela ngayo amakhasimende ukuze iweseke ngendlela.

Intengo:

BYD Shark 6 Premium - R959,900

Sealion 6 Comfort FWD - R639,900

Sealion 6 Dynamic FWD - R689,900

Sealion 6 Premium AWD - R789,900

BYD Sealion 7 Premium RWD - R1,099,900

BYD Sealion 7 Performance AWD - R1,299,900