Impilo Yabantu Ezezimoto

Ifike isithuthukisiwe iVW Golf 8 okungeyona iGTI

Fanelesibonge Bengu|Published

I-VOLKSWAGEN Golf 8.5 efikile ihlukene ngezinhlobo ezine Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: VW GOLF 8.5

KWA-VOLKSWAGEN benza okungajwayelekile "bayisusa ngethayi" ngesikhathi iGolf 8 yethulwa eNingizimu Afrika ngoSepthemba ka-2021, kwazise bavele badayisa eyejubane iGTI.

Izinhlobo ezingaphansi azilethwanga ngoba akuphelanga sikhathi esingakanani kwalandela iGolf 8 R.

Kudlule isikhashana ekomkhulu lenkampani bayithuthukisa iGolf 8 njengoba sekukhona iGolf 8.5.

KwaVW kuleli basebenzise lelo thuba ukuletha iGolf 8.5 okungeyona iGTI. Okwamanje iGTI ethuthukisiwe ayikafiki kodwa bathi basebenza ngokuzikhandla ukuyiletha ungakapheli unyaka.

IGolf yimoto ebalulekile kule nkampani kuleli njengoba sekudaswe angaphezu kuka-370 000 kusuka kweyokuqala ngo-1978.

IGolf 8.5 elethiwe inenjini engu-1.4 litre TSI enamandla angu-110kW ne-torque engu-250Nm. U-gearbox ungumshini ozishintshayo oyi-8 speed auto.

NGAPHAKATHI i-touchscreen infotainment system yeVW Golf 8.5 ibheke ngakumshayeli Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

Amandla iyashesha ukuwafaka ama-revvs esephansi kanti injalo ibukeka yonga nakuphethroli ngoba ngesikhathi ngiyishayela yethulwa eGoli, kuleli sonto, ngiyibone isiveza ukuthi idla 5.9l/100km.

Injini le yiyona yodwa oyithola kuzo zonke izinhlobo zayo okuyiLife, Life Plus, R-Line neR-Line Plus.

Zisuka nje ngaphandle uyayibona ukuthi yiGolf entsha ngenxa yemibala ehlukene enayo iningi layo ebelingekho phambilini. Iyisishiyagalolunye isiyonke imibala.

Namarimu aphakathi kuka-16 no-18 inch okhetha kuwo ahluke kakhulu kunamaGolf aphambilini.

ILife ifika nama-Eco LED headlights, amarimu angu-16 inch, izibuko ezihlelwa ngogesi emaceleni, ambient lighting enemibala engu-10 ehlukene, 10.3-inch infotainment radio nezipikha eziyisithupha kanjalo ne-digital cockpit engu-10 inch.

ILife Plus yengeza ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, ama-drive modes ahlukene, izihlalo ze-artvelour njengoba kwiLife kuneziyindwangu kanjalo nemibala engu-30 ye-ambient lighting.

Abayibona izoba yintandokazi yiR-Line ehlukene kabili.

I-VW Golf 8.5 efikille inamarimu aphakathi kuka-16 no-18 inch Isithombe: Fanelesibonge Bengu

Image: Fanelesibonge Bengu

I-R-Line inamaLED Plus headlights ne-logo yakwaVW ekhanyayo ngaphambili, amarimu angu-17-inch, Park Assist, imibala engu-30 ye-ambient lighting kwi-dashboard nasezicabheni ne-3 zone Climatronic aircon.

Kwi-R-Line Plus kwengezwe izihlalo zesikhumba ezishisayo ziphinde zibande ngaphambili, isiteringi esifudumalayo esinama-pedal shifters, amarimu angu-18 inch, IQ.Light HD Matrix LED headlights nesihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi.

Uma uthanda uyakwazi ukufaka iBlack Style Package ezokwenza amarimu, amawindi ngemuva, amakhava ezibuko nophawu lakwaVW ngemuva kube mnyama.

Ngakwezokuphepha abayincishanga njengoba ine-IQ.Drive Travel Assist ehlanganisa i-adaptive cruise control, ukuthi ibhreke uma izoshayisa, Lane Assist, nokunye.

Izinto ongazengeza kuyo zihlanganisa intandokazi i-sunroof, i-trailler hitch, Heads-up Display, Discover Media Pro: navigation, Harman Kardon, ne-IQ.Drive Package.

Intengo:

Golf 1.4l TSI 110kW Tiptronic Life                  R580,900

Golf 1.4l TSI 110kW Tiptronic Life +               R604,500

Golf 1.4l TSI 110kW Tiptronic R-line               R660,000

Golf 1.4l TSI 110kW Tiptronic R-line +            R688,100

Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.