Impilo Yabantu Ezezimoto

I-Gac Motor yehlise intengo ezimotweni zayo

Fanelesibonge Bengu|Published

Gac Emzoom

INKAMPANI yaseChina efike eNingizimu Afrika ngo-Agasti, i-Gac Motor, yehlise intengo ezimotweni zayo ngemali efika ku-R100 000 kwezinye.

Izimoto zakwaGac Motor okuyi-Emzoom ne-Emkoo azikandi kakhulu emigwaqweni yakuleli.

Ezinye izinkampani zaseChina zithe uma zifika kuleli zabiza imali engaphansi kunezidumile kodwa iGac ifike yazoyiphaka ngqo impi. Nokho ukwehliswa kwabo intengo bathi kudalwe wukwenza kangcono kwamandla emali ngasekupheleni konyaka odlule nokuzibophezela kwabo emakethe yaseNingizimu Afrika.

Bathi lokhu akuyona into yesikhashana noma yokuheha amakhasimende.

Gac Motor Emkoo

Isikhulu sakwaGac Motor South Africa, uLeslie Ramsoomar, sithe ukwehliswa kwabo intengo kuwubufakazi bokuthi amakhasimende kumele ahlomule uma isimo sokuhweba sivuma.

Le nkampani iphinde yaveza ukuthi yandisa amagaraji ayo nesikhungo zokusevisa kufinyelele ku-40.

Ithe iyazwelana nabathenga izimoto ngentengo yakudala futhi icela bayithinte ukuze kuzobhekwa ukuthi basizakala kanjani.

Intengo isimi kanje. Endala kwesokunxele nentsha kwesokudla:

Emzoom Comfort: R469,900  R419 900

Emzoom Executive: R499,900  R439 900

Emzoom R-Style: R549,900  R489 900

Emkoo Executive: R599 900  R519 900

Emkoo Executive Plus: R659 900  R559 900