Impilo Yabantu Ezezimoto

Bayenze yaheha kakhulu kunakuqala i-VW T-Cross

Fanelesibonge Bengu|Published

I-VOLKWAGEN T-Cross iheha ngemibala emisha egqamile Isithombe: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: VOLKSWAGEN T-CROSS

NGESIKHATHI i-Volkswagen T-Cross ifika okokuqala eNingizimu Afrika, ngo-2019, yakwazi ukungena embangweni abathengi babheka ngakuyo.

Lokhu kufakazelwa wukuthi yiyona moto yakwa-Volkswagen elandwa ngaphandle edayisa kakhulu kuleli njengoba sekuthengwe angaphezu kuka-36 000.

Yiyona SUV encane emndenini wamaSUV ale nkampani njengoba sisalinde ukuzwa ngentsha okuthiwa izokwakhiwa efemini yakwaVW eseKariega, eGqeberha.

Ngesikhathi ifika angicabangi ukuthi umbango wabathengi wawushube ngendlela osuyiyo manje. Ngaleso sikhathi kwakukhona i-Ford EcoSport engasekho manje.

Njengamanje kune-Kia Sonet esanda kuthuthukiswa, Hyundai Venue, neMahindra 3XO esanda kufika nezinye.

Bekusemqoka ukuthi kwa-Volkswagen bayithuthukise i-T-Cross ukuze ingeke iphume ezinhliziyweni zabathengi.

Abakwenzile ngingasho ngithi kuyancomeka ngoba iheha kakhulu kunakuqala. Okokuqala nje okukuhehayo ngayo yimibala emisha egqamile okuhlanganisa nalona okule esihamba ngayo abawubiza ngo-Clear Blue Metallic.

Okusonga ubuhle bayo yingaphambili elenziwe kabusha lafakwa amalambu angamaLED futhi nawangemuva angamaLED ahlotshiswe kahle. Ama-fog lights aphinde akhanye nasemini. Awaseyona indilinga kodwa awulayini obheke phansi. I-R Line iphinde ibe namarimu angu-17 inch futhi ne-grille iyakhanya ngaphambili.

Uma uwumuntu okhonze i-sunroof kuzomele unyukele kwi-T-Roc ngoba namanje ayikho kwethuthukisiwe.

Ngaphakathi nokho izinga liphezulu. Empeleni ngenye yezinto eyangenza ngayithanda ifika i-T-Cross ngoba yayizwakala iqinile futhi yakhiwe kahle. Yayingafani ne-T-Roc eyathi yethulwa okokuqala yafika nengaphakathi elalakhiwe ngoplastiki owawuzwakala ushibhile.

Ngaphambili abayishintshanga kakhulu indlela emi ngayo ngaphandle kokufaka uphawu olusha esiteringini. Ngiyakuthanda ukuthi abawafakanga la mabhathini athambile okwakukhalwa ngawo kwi-Golf GTI aze ashintshwa kwabuyiselwa “awumhlobo mdi”.

Lawo athambile ohambisa umunwe nje bawafake lapha phakathi nendawo lapho uhlela khona amazinga okushisa. Nendlela i-screen se-infotainment esimi ngayo, bathe ukuyishintsha kancane. Bayifake izipikha zeBeats ezikhala kamnandi. Ziveza ingemuva uma upaka futhi uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Sengicishe ngakhohlwa ukuthi ngale kokushaja nge-USB, uyakwazi nokushaja ngaphandle kwentambo.

Isikhala ebhuthini singu-385 litres.

Ezokuphepha nezinsiza zomshayeli obuzithola ezimotweni ezingaphezu kwayo bazifakile. Lapha ngibala i-Adaptive Cruise Control, iyabhreka uma izoshayisa, ikusiza ukuhlala emzileni nokunye okuyizinto kodwa ozengezela imali.

Injini ingu-1.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu-85kW ne-torque engu-200Nm. Isebenza no-gearbox oshintsha kahle oyi-7 speed DSG. Empeleni ukuhamba kahle kwayo emgwaqweni kungenye yezinto ezenza i-T-Cross ithandeke.

Ayizweli kakhulu emabhampini, ithule kahle ngaphakathi futhi iyabambelela.

Ethangini elingu-40 litres likaphethroli kwa-VW bathi idla 5.6l ngo-100km. Ngizulazula ngayo edolobheni, ibiveza ukuthi idla 8.1 ngebanga elifanayo nokuyinto engikholwa wukuthi izokwehla uma sengingena emgwaqweni ovulekile.

Intengo:

T-Cross R-Line 1.0 TSI 85kW DSG - R533 100

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.