Impilo Yabantu Ezezimoto

Kwenyuka intengo kaphethroli nodizili

Fanelesibonge Bengu|Published

UHULUMENI umemezele ukuthi iyenyuka intengo kaphethroli nodizili ngoLwesithathu Isithombe: Courtney Africa

BAZOWUQALA kabi uDisemba abashayeli njengoba kuzosa ngoLwesithathu isiyenyukile intengo kaphethroli nodizili.

Lokhu kumenyezelwe wuMnyango wezokuMbiwa Phansi namaMandla kuzwelonke.

Uthe intengo yazo zonke izinhlobo zikaphethroli izonyuka ngo-17 cents ilitha. Ekadizili i-50ppm izokwenyuka ngo-55 cents ilitha, kuthi eye-500ppm yenyuke ngo-56 cents ilitha.

Lokhu kusho ukuthi ilitha le-95 Unleaded likaphethroli selizobiza u-R20.68 ezindaweni ezigudle ulwandle, kuthi maphakathi nezwe libe wu-R21.47.

Ilitha le-50ppm likadizili selizoba wu-R18.57 ogwini, kuthi maphakathi nezwe libe wu-R19.33.