Impilo Yabantu Ezezimoto

UMogotsi unqobe isicoco se-SATC SupaCup

Intatheli Yazezimoto|Published

UMSHAYELI weVolkswagen Motorsport, uJonathan Mogotsi, ehamba ngeSupaPolo yakhe eZwartkops ngempelasonto

KUBE yinjabulo yodwa ethimbeni leVolkswagen Motorsport ngemuva kokuthi umshayeli walo, uJonathan Mogotsi, ehlabane ngesicoco se-2024 South African Touring Cars (Satc) SupaCup ngempelasonto.

UMogotsi uthathe isicoco sesizini kwi-South African National Extreme Festival ebiseZwartkops Raceway, ePitoli ngoMgqibelo

Inhloko yeVolkswagen Motorsport, uMike Rowe, ibifa yinjabulo ngokuthi babe ngompetha.

“Halala kuJonathan hhayi kuphela ngokunqoba ngoba besimethemba ngangakwenza kodwa ngokushayela anike iVolkswagen Motorsport isicoco. Sonke ethimbeni sijabule futhi siyaziqhenya ngale Mpumelelo,” kusho uRowe.

ITHIMBA leVolkswagen Motosport, abasebenzi beVW nezimenywa behalalisela uJonathan Mogotsi (ongemuva ne-vest emhlophe)

UMogotsi ubonge iVolkswagen Motorsport ngokukholelwa kuye nokumeseka.

“Ngiyaziqhenya ngokukwazi ukunikeza lesi sicoco ethimbeni lami elimangazayo. Kumele ngivume nokho ukuthi ngemuva kokukleliswa endaweni yesine ngeGeniune Parts Volkswagen Motorsport SupaPolo yami, ngibe nokukhathazeka ngemuva kokudlulwa ngesikhathi ngizama ukuqala umjaho wamanqamu ngaba sekugcineni. Ngenhlanhla umjaho umisiwe (ngemuva kwengozi) futhi ngakwazi ukungabandakanyeki. Ngemuva kwalokho ngenze isiqiniseko sokuthi angikho kude nembangi yami ukuze ngizoba nesiqiniseko sesicoco noma ngabe ngisinqobe ngamaphuzu amabili,” kusho uMogotsi.