Impilo Yabantu Ezezimoto

IMahindra igubha ewu-20 ngeSUV entsha i-3XO

Fanelesibonge Bengu|Published

IMahindra X3o yiSUV entsha encane yale nkampani

IMOTO: MAHINDRA 3XO

I-MAHINDRA igubha iminyaka ewu-20 eNingizimu Afrika ngokwethula i-SUV encane i-3XO.

Le nkampani iqale ukudayisa kuleli ngo-2003 ngesikhathi yethula iveni iBolero.

Kule minyaka edlule ilandele ngezimoto ezahlukene nokuthe ngo-2018, yavula ifemu yokukhiqiza eseDube Trade Port, eThekwini.

INingizimu Afrika iyizwe lokuqala ngaphandle kwase-India ukuthi kwethulwe i-3XO. Bathi balalele izincomo zamakhasimende ahlukene okubalwa nawakuleli ngaphambi kokuthi bayakhe.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa ifika namaLED headlights, amaLED daytime running lights kanjalo nama-fog lamps angamaLED ngaphambili. Nangemuva amalambu angamaLED.

Amasondo anamakhava angu-16 inch kube khona enamarimu angu-16 inch kanjalo nangu-17 inch.

Ngaphakathi ufica i-screen se-infotainment esingu-10.25” okuwusayizi ofanayo nowise-instrument cluster.

Kwese-infotainment uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Androind Auto ngaphandle kwentambo.

Ezinye izinto enazo kubalwa izipikha zeHarman Kardon, ikhamera eveza umzimba wonke ngaphandle, sunroof, ibhuthi engu-364 litres, ama-airbag ayisithupha, iyazibhrekela uma izoshayisa, iyasho uma kunemoto eseceleni, Electronic Stability Control futhi ayihlehli uma isuka endaweni enyukelayo nokunye.

Zonke izinhlobo zinenjini eyodwa engu-1.2 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-82kW ne-torque engu-200Nm. Ku-gearbox ukhetha phakathi koyi-6 speed manual okanye oyi-6 speed auto.

Intengo:

1.2T MX2 MT - R 254 999

1.2T MX2 AT - R274 999

1.2T MX3 MT - R274 999

1.2T MX3 AT - R294 999

1.2T AX5 MT - R319 999

1.2T AX5 AT - R344 999

1.2T AX5L AT - R374 999

1.2T AX7L AT - R404 999

Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km. I-MX ine-service plan yeminyaka emithathu noma u-55 000km kuthi i-AX yona ibe neyeminyaka emihlanu noma u-100 000km.