Impilo Yabantu Ezezimoto

Kwengezwe injini eyongayo kadizili kwi-Audi Q3

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Audi Q3 neQ3 Sportback sezitholakala nangenjini entsha kadizili

IMOTO: AUDI Q3

KWANDISWE izinhlobo zezinjini ezitholakala kwi-Audi Q3 ngokwethulwa kwekadizili i-35 DTI ejoyina ezikaphethroli i-35 ne-40 TFSI kanjalo ne-2.5 litre TFSI ekwiRS Q3.

Le njini entsha ingu-2.0 turbo kadizili futhi inamandla angu-110kW ne-torque engu-340Nm. Ifakwe u-gearbox oyi-seven speed S tronic dual-clutch futhi amandla angena emasondweni angaphambili.

Bathi iyonga kuphethroli njengoba idla amalitha angu-4.9 ngo-100km.

Le njini itholakala kuphela kwi-Q3 Urban Edition neBlack Edition njengoba kwa-Audi bezama ukuheha amakhasimende ukuthi abheke ngakuzo. Lezi zinhlobo zifakwe izinto amakhasimende athanda ukuzengeza.

I-Urban Edition ekhona nakwiQ3 Sportback ifika namarimu angu-18 inch, panoramic glass sunroof, izinsiza zokupaka, idunyiswa ngenkinobho, ikhamera eveza ingemuva nebhuthi ivuleka ngogesi.

IBlack Edition yona inamarimu angu-19 inch, panoramic glass sunroof, izibuko zinamakhava amnyama, izinsiza zokupaka, idunyiswa ngenkinobho, ikhamera iveza ingemuva, ibhuthi ivuleka ngogesi, izihlalo zihlelwa ngogesi ngaphambili futhi ziyafudumala, nokunye.

Intengo:

Q3 35 TDI 110kW S tronic Urban Edition - R832 270

Q3 Sportback 35 TDI 110kW S tronic Urban Edition - R857 870

Q3 35 TDI 110kW S tronic Black Edition - R908 450

Q3 Sportback 35 TDI 110kW S tronic Black Edition - R934 050

Zonke zifika ne-Audi Freeway Plan service ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.