Impilo Yabantu Ezezimoto

Kunyukile ukuthengwa kwezimoto ngoJulayi

Fanelesibonge Bengu|Published

IToyota iqhubekile nokuzihambela phambili ngokudayisa kakhulu ngoJulayi

Kujatshulelwe ukunyuka kwesibalo sezimoto ezintsha ezidayisiwe ngoJulayi okuvezwe yi-naamsa | The Automotive Business Council.

Izibalo ze-naamsa ziveze ukuthi kudayiswe izimoto ezingu-44 229 ngoJulayi nokuyinto enyuke ngo-657 noma u-1.5% uma kuqhathaniswa no-43 752 owadayiswa ngoJulayi nyakenye.

Isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli sona sehle ngo-12 671 noma u-33.2% zaba ngu-25 461 ekubeni noJulayi nyakenye zazingu-38 132.

Kuzona zonke izimoto ezingu-44 229 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-35 853 noma u-81.1% zithengwe emagaraji, ezilinganiselwa ku-13.5% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.9% uthengwe nguhulumeni kwathi u-2.5% kwaba ngowezinkampani.

Izimoto ezincane zibe ngu-29 934, amaveni namatekisi aba ngu-11 554, amaloli aphakathi nendawo aba ngu-641 kwathi amakhulu aba ngu-2 100.

USihlalo kazwelonke weNational Automobile Dealers Association (Nada), uBrandon Cohen, uthe yize izibalo zinyuke ngo-1.5% kodwa ziyabagqugquzela.

Uthe izibalo zangoJulayi zinyuke ngo-4 356 uma ziqhathaniswa nezikaJuni nonyaka.

“Kusuka kuqale unyaka kuze kuya manje izibalo zingemuva ngo-6.3% uma kuqhathaniswa nanyekene kodwa sinethemba lokuthi ezangoJulayi ziyisiqalo sokundlondlobala kuhhafu wesibili wonyaka. Amakhasimende ayaqala angena emaraji manje. Ithemba ngezwe liyakhula nokuholela ekutheni abantu babuyele kancane ukuyothenga izimoto. Kodwa inzalo yemali mboleko ephezulu nokuba phezulu kwezindleko zokuphila kwenza kuthikameze ukuthola imali yokuthenga izimoto. Yize ikhona intshisekelo ngezimoto kodwa ukumelana nezindleko kuyavimba,” kusho uCohen.

Okhulumela iWesBank, uLebo Gaoaketse uthe yize kunezinkomba zokuthi inzalo yemalimboleko ingase yehle ngoSepthemba nangoNovemba kodwa amakhasimende awangalindeli ukonga kakhulu.

Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:

Toyota - 11 131

Volkswagen Group - 6 178

Suzuki Auto - 4 816

Ford Motor Company - 2 901

Hyundai Automotive South Africa - 2 699

ISuzu Motors South Africa - 2 072

Nissan - 1 884

Chery Auto South Africa - 1 701

GWM SA - 1 562

Renault - 1 210

Kia South Africa - 1 068

Mahindra - 1 007

BMW Group - 994

Stellantis - 573

Mercedes-Benz SA - 555